Dylan Bettencourt
Owayengumdlali webhola lombhoxo wamaBhokobhoko, uJannie du Plessis, ushonelwe indodana yakhe enonyaka engozini yokuminza ngoLwesibili, okuwusuku agubha ngalo usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engama-39.
Lezi zindaba ezibuhlungu ziqinisekiswe isikhulu esiphezulu se-Lions Rugby Company, uRudolf Straeuli.
“Njengomndeni wama-Lions silahlekelwe. Ngingaqinisekisa ukuthi le nhlekelele yenzekile. Sonke siphatheke kabi,” kusho uStraeuli ku-Sport24.
Owayengumdlali wamaBhokobhoko uToks van der Linde uveze lezi zindaba ku-Twitter ezintatha zangoLwesithathu.
“Ngicela ukukhulekela uJannie du Plessis nomndeni wakhe. Ingane yakhe enonyaka iminze izolo ebusuku. Inhliziyo yami iphukile, iphukile, iphukile,” kusho yena ku-Twitter.
Eminye imininingwane ngokushona kwengane yomdlali idalulwe uStraeuli enxusa umphakathi ukuthi unikeze umndeni isikhathi sokuzila.
“UJannie nomndeni wakhe manje badinga ukushiywa bodwa ukuze kucutshungulwe le nhlekelele. Simeseka ngokugcwele futhi sicela bonke abantu ukuthi babagcine emicabangweni nasemithandazweni yabo,” esho.
UDu Plessis wajoyina ama-Lions ngenhloso yokusiza nokweluleka iqembu elincane labadlali beqembu ngowezi-2019 ngesikhathi ephinde ebonakala edlala enkundleni.
Ubeyilungu lakwaJake White futhi wayeseqenjini lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba ngowezi-2007 futhi wathatha umhlalaphansi eqenjini lesizwe esedlale imidlalo engama-70 phakathi kowezi-2007 nowezi-2015.
Lo mdlali oneminyaka engama-39 ubudala ungudokotela wezokwelapha futhi ungumfowabo omdala ka-Bismarck du Plessis oyi-hooker kumaBhokobhoko.
Umthombo wesithombe: @Alchetron
Feedback