Kushone amavolontiya e-ANC ayisishiyagalolunye engozini yebhasi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kushone abalandeli be-ANC abayisishiyagalolunye engozini yebhasi ngesikhathi bephuma kwi-Mayihlome Rally eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe “Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko sengozi yebhasi emgwaqeni u-R33 phakathi kwase-Vryheid nase-Paulpietersburg KwaZulu-Natal.

“Ngokombiko wokuqala ibhasi beliphuma enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngesikhathi ligingqika.

Kulimale inqwaba yabantu baphuthunyiswa ezibhedlela eziseduze.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalana uthe iziphathimandla ziyaxhumana nohulumeni wesifundazwe saseMpumalanga ukusiza ukulandelela izihlobo zabashonile.

Uthe iyaqhubeka imizamo yokuhlonza izidumbu wathi kusaphenywa ngembangela yengozi.

USihlalo we-ANC esifundeni i-Albert Luthuli eMpumalanga uWalter Mngomezulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ibhasi liselisha wathi batshelwe ukuthi umshayeli wehlulekile ukulilawula.

“Okwamanje sisabgeke esibhedlela sase-Vryheid ukuyovakashela abalimele ngesikhathi sesigameko.

Nathi silindele umbiko ogcwele emaphoyiseni ukuze sazi ukuthi bangaki ngempela abantu abashonile,” kusho uMngomezulu.

IPhini leMeya kaMasipala waseDumbe uMajuba Mavuso uthe le ngozi yenzeke ngesikhathi ibhasi libheke eDumbe e-Paulpietersburg.

Le ngozi yenzeke ngesikhathi i-ANC isazilele ukushona kwamalungu ayo ase-Limpopo ashone esigamekweni sebhasi esenzeka ngesikhathi behambela umcimbi wokugubha iminyaka engu-112 le leli qembu lasungulwa mhla ziyisishiyagalombili kuMasingana eMpumalanga.

Izihloko zakamuva