Kushone amaphoyisa ayisithupha ezingozini ezimbili zomgwaqo

Zukile Majova

Bekuyisonto elinzima emaphoyiseni obekufanele angcwabe ozokwabo abayisithupha abalahlekelwe yimiphefumulo yabo ngosuku olulodwa ezingozini ezimbili ezihlukene zomgwaqo.

Amaphoyisa amane nomuntu oyedwa bashone ngesikhathi imoto yabo yombuso ishayisana neloli ngaphandle kwase-Engcobo e-Eastern Cape.

Ngalo lolo suku, kushone amaphoyisa amabili ase-Harding Police Station eKZN ngemuva kokushayiswa yimoto ngesikhathi ephenya indawo okwenzeke kuyo ingozi yomgwaqo.

Amalungu amane e-SAPS, aneminyaka ephakathi kwengama-31 nama-35, uConstable Buqaqawuli Nyembezi, uConstable Frank Lila, uConstable Lungelo Nogqala, kanye noNtombikayise Landu. ULandu ubengunobhala woMlawuli wesiFunda i-Alfred Nzo.

NgoMsombuluko, uKhomishana wesiFundazwe sase-Eastern Cape uJenene Liziwe Ntshinga kanye namaphoyisa e-SAPS Junior Management Core abese-Sugarbush village ngase-Mount Ayliff emngcwabeni kaConstable Frank Lila, obesesebenze iminyaka eyishumi.

USihlalo ophethe uThabisa Ulana, uthe: “Sishawe engeqiwa ntwala ngesikhathi kwehla inhlekelele engalindelekile e-Engcobo ngesikhathi somkhankaso we-Gender-Based Violence.”

La maphoyisa amabili aseKZN bekunguSayitsheni Alfred Gqumani oneminyaka engama-36, noConstable Sifiso Ngcobo oneminyaka engama-34.

UKhomishani Kazwelonke uJenene Khehla Sitole uthe: “Izindaba zokudlula kwabo ngalesi sikhathi esibi kushaqe wonke amaphoyisa ezweni.”

Ubonge imindeni yabo ngokuvumela izingane zabo ukuthi zisebenzele abantu bakuleli ngokuzimisela.

Izihloko zakamuva