Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ubhekene nosizi umphakathi waseKhayelitsha eKapa njengoba ukhalisana namalungu omndeni ayisikhombisa ashone enhlekeleleni yomlilo ngempelasonto.
Kulaba abashonile kubalwa uLiyolatha Iyana (1), u-Avela Liviwe (7) noMelokuhle Iyazi (18). Abantu abadala abashonile ngu-Anele Shweni (31), uNyameka Saliwa (49), uZukiswa Shweni (60) noBongani Shweni (38) owesilisa oshonele esibhedlela ngoMsombuluko.
UMnuz Boyseen Fani, oyilungu lomndeni ebelikhala uzwakalise ukudideka nosizi lomndeni wathi, “Sizobe siqamba amanga uma sithi siyazi ukuthi yini edale lo mlilo ngoba bonke abantu abebengaphakathi bashonile abakwazi ukuchaza ukuthi yini imbangela yomlilo. Okwamanje sisaqagela.”
Yize kusolwa ukuthi i-heater kapharafini kungenzeka ukuthi iyimbangela, uFani ubuze ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi kwenzeke le nhlekelele amalungu omndeni angatholi ngisho ithuba lokubaleka, waphawula mayelana nokudideka ngemijondolo engomakhelwane esale ingathintekile.
Umndeni ufuna izimpendulo futhi ulindele ngabomvu umbiko wophenyo ukuze wazi ngembangela yalesi sibhicongo.
Badinga nosizo lokuthutha izidumbu zamalungu ziyiswe e-Eastern Cape ukuze bezongcwatshwa.
Nokho akubona bonke abantu emphakathini abakholwa ukuthi i-heater kapharafini iyona edale umonakalo.
Ezinye izakhamuzi zizwakalise ukungabaza ngomthelela womlilo futhi zibuza ukuthi kungani wonke amalungu omndeni ehlulekile ukubaleka.
Iziphathimandla zivule uphenyo kanti okhulumela abezicishamlilo, uJermaine Carelse ukuqinisekisile ukuthi isigameko siholele ekutheni kushone abantu abayisithupha endaweni yesigameko, kwathi umufi wesikhombisa washonela esibhedlela.
“Izingane ezintathu kanye nabantu abadala abathathu bathole amanxeba okushona, kwathi oyedwa wesilisa omdala uphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulensi njengoba ethole amanxeba okusha e-3rd degree futhi usesimweni esibucayi,” kusho uCarelse.
Esithombeni esingenhla: Kushone amalungu omndeni ayisikhombisa esigamekweni somlilo emijondolo yaseKhayelitsha, eKapa.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze