Kushone abesilisa abane engozini e-EC

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Kushone abantu abane emgwaqeni yase-Eastern Cape ngoLwesibili ntambama ngemuva kokuthi imoto ewuhlobo lwe-Polo  abebehamba ngayo ishayisa iloli.

Imoto ibiqonde e-Butterworth ku-N2 ngo-5.15 ntambama ngase-Kei Cuttings ngesikhathi ishayisa iloli ebelibheke e-East London, kwashona abagibeli abane.

Umshayeli weloli nabagibeli ababili baphume bengenamyocu.

Isibalo sabashonile emigwaqeni yase-EC cishe siphindeka kabili emahoreni angu-72 kusukela kushone abesilisa abahlanu kwenye ingozi yemoto phakathi kwase-Maclear nase-Ugie ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uBrigadier Tembinkosi Kinana uthe le ngozi yenzeke emgwaqeni omanzi.

“Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa e-Kei Bridge ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” etshela i-Scrolla.Africa.

Umshayeli wemoto uKim Monique Oppelt obeshayela ebheke e-East London ngesikhathi edlula endaweni yesigameko utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izidumbu bezisavaleleke ngaphakathi emotweni ngaleso sikhathi.

“Abezimo eziphuthumayo bebekhona endaweni yesigameko, kodwa bebesanda kufika ngesikhathi sidlula ngemoto. Bekubuhlungu ukubona bebhajwe  ngaphakathi.”

Khonamanjalo, eKapa ​​ngoLwesibili ekuseni kushone abafundi abahlanu engozini kanti abanye ababili bathola imihuzuko ngesikhathi iveni ebelibahambisa esikoleni libandakanyeka engozini e-Mitchells Plain.

Abafundi abaneminyaka eyisikhombisa kuya kwengu-11 bashone e-AZ Berman Drive ngemuva kokusaphazwa iveni ngesikhathi ishayisa irobhothi. Kubikwa ukuthi abalimele ingane eneminyaka eyisithupha nengu-15 kanti bathola ukwelashwa esibhedlela saseKapa.

Isithombe esingenhla: Abagibeli abane abashone ngesikhathi i-Polo abebehamba ngalo lishayisa iloli e-Eastern Cape.

Umthombo wezithombe: I-EC Transport Dept

Izihloko zakamuva