Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kushone isalukazi esineminyaka engu-68 nabazukulu baso abahlanu ngesikhathi kuqubuka umlilo ezintatha zangoLwesine e-New Brighton, e-Gqeberha.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Andre Beetge uthe umlilo uqale ngehora lesine ekuseni ngoLwesine.
“Ngesikhathi ngifika emijondolo yaseChris Hani … kutholakale umjondolo ocekeleke phansi. Abezicishamlilo bacime yonke imfucumfucu ebivutha umlilo, kwatholakala nezidumbu ezishile zowesifazane omdala nezingane ezinhlanu.
“(Kukholakala) ukuthi izinsalela zikagogo, (68), nabazukulu bakhe abahlanu abaneminyaka ephakathi kwemine nengu-11 ubudala,” kusho uBeetge.
Kuvulwe idokodo lophenyo kanti liphenywa ngamaphoyisa ase-New Brighton.
“Ukuhlonzwa ngokusemthethweni kwabashonile abayisithupha kuzodingeka kwenziwe ngokuhlaziywa kolibofuzo futhi awekho amagama azodalulwa okwamanje,” kusho uBeetge.
NgoNcwaba, kushone omunye umndeni wase-Gqeberha ngesikhathi umuzi wabo wase-Missionvale usha amalangabi.
Kushone abazali ababili nezingane zabo ezintathu kulo mlilo.
Esithombeni ngenhla: Umlotha yiwona osele ngemuva kokusha komjondolo.
Umthombo: X