Kushone abayisishiyagalombili ngemuva kokudubulana namaphoyisa KwaZulu-Natal

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

● Kushone abasolwa abayisishiyagalombili esigamekweni sokudubulana namaphoyisa ngesikhathi bezama ukubaleka ngemuva kokuhlela ukubamba isitolo inkunzi.

● Amaphoyisa athole izibhamu namathuluzi okugqekeza ezindlini nokuyinto ematanisa lezi zigelekeqe nobunye ubugebengu endaweni.

Kushone abasolwa abayisishiyagalombili ngesikhathi bedubulana namaphoyisa emgwaqeni onguthelawayeka ngase-Richards Bay KwaZulu-Natal ngoLwesine.

Lezi zigebengu bezihlela ukugebenga isitolo ngesikhathi amaphoyisa ezivimbezela ebusuku. Esikhundleni sokuthi bame ngesikhathi beyalelwa ukuthi bame, baye bazama ukubaleka base bedubula bebhekise emaphoyiseni ngesikhathi amaphoyisa ebajaha ngesivinini esiphezulu.

“Umshayeli uyishaye indiva imiyalelo yamaphoyisa wabe esesuka ngesivinini, kube sekuqala ukujahana ngezimoto, abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni.

“Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwadubuleka abasolwa abayisishiyagalombili balimala kabi,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netshiunda.

Amaphoyisa athi leli qembu lezigebengu libandakanyeka isigamekweni sakamuva sokubamba imoto yemali inkunzi endaweni.

“Abasolwa abathinteka esigamekweni sakamuva sokubamba imoto yemali inkuzi esenzeke endaweni yaseMzingazi, batholwe nezibhamu ezinkulu ezintathu, izincane ezimbili kanye nezinsimbi zokugqekeza.

Ngesikhathi kubanjwa inkunzi eMzingazi ekuqaleni kwaleli sonto izigebengu zidubule zabulala uthisha wesifazane wesikole samabanga aphansi owazithela phezu kwalesi sigameko ngesikhathi eya emsebenzini.

“Uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi izibhamu azihlangene yini nezinye izigameko zobugebengu,” kusho uNetshiunda.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva