Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisikhombisa kwalimala abane ngesikhathi kunomcimbi welobolo e-Orange Farm, eningizimu yeGoli, ngoMgqibelo ebusuku. Lesi sigameko esibuhlungu senzeke emzini lapho bekujabule khona umndeni ngemuva kwezingxoxo zamalobolo.
Abashonile, uPetronela Matsione (50), uMphakamiseni Mbatha (50), uCalvary Maisha (20), uNomsa Makoni (41), uPhindile Walaza (20), uTsholofelo Maisha, noLonwabo Maisha (3) bonke bashone endaweni yesigameko. Abanye ababili, uHlelo Maisha ononyaka noBotshelo Maisha (31) baphuthunyiswe esibhedlela belimele. Owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala kanye nengane eneminyaka emine bakwazile ukubaleka bengenamyocu.
Umsolwa uHendrick Mathebula obebuye abizwe ngelikaJuju uzidubule ngemuva kwesibhicongo washonela esibhedlela.
Ngokwemithombo, lolu dlame lusuke ngemuva kokuthi uMphakamiseni Mbatha evakashele endaweni yokucima ukoma eJuju eyothenga obunye utshwala. Indawo yokucima ukoma ibivaliwe, kwathi umnikazi wayo uRodney Mathebula enqaba ukumdayisela, kwaqubuka ingxabano, uMbatha kuthiwa ushaye uRodney ngempama ngaphambi kokuba abuyele endlini.
Kamuva uRodney wafika kulo muzi ehamba ngemoto yohlobo lweToyota Hilux wavulela ngenhlamvu ebhekise emndenini nezihlobo, kwashona abantu abayisikhombisa, okuhlanganisa namalungu omndeni ayisithupha nomngani oyedwa. Amaphoyisa athole amagobolondo ezinhlamvu angu-15 endaweni yesigameko.
Ngemuva kwalesi sigameko, umsolwa ube eseya e-Evaton wafike wazidubula. Uphuthunyiswe esibhedlela eSebokeng, washonela khona efika.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uBrenda Muridili uqinisekise imininingwane: “Omunye wabashonile uye ethaveni yendawo eyothenga utshwala, kodwa bese kuvaliwe. Kwenzeke ingxabano phakathi komgilwa nomnikazi wethaveni. Umnikazi wendawo yokucima ukoma wamlandela lapho afike wadubula wabulala khona abantu abayisikhombisa, okubalwa nomfana oneminyaka emithathu ubudala. Kwasinda abantu abane, ababili basesibhedlela balimele, kwathi owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala nengane eneminyaka emine baphuma bengenamyocu. Umsolwa uzidubule ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela.”
Uphiko lweProvincial Serious and Violent Crimes Unit luphenya amacala ayisikhombisa okubulala, amathathu okuzama ukubulala.
Esithombeni esingenhla: Illistration imageUmthombo: X