Kushone abayishumi kuqubuka esohudo eHammanskraal 

Kuthunyelwe okungenani amathangi amanzi angu-52 e-Hammanskraal kumasipala wase-Tshwane ukuyosabalalisa amanzi emiphakathini phakathi nokuqubuka kwesifo sohudo esibulale abantu abayishumi.

Umasipala unxuse amalungu omphakathi ukuthi angawaphuzi amanzi ompompi esifundeni njengoba ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezempilo e-Tshwane, uRina Marx ethe bazohlinzeka ngamanzi ahlanzekile kulezi zindawo emasontweni ambalwa azayo.

UMnyango wezeMpilo eGoli uphenya ngokubheduka kwesifo sohudo esibulale abantu abayishumi ngesikhathi abasindile belashwa esibhedlela i-Jubilee District e-Tshwane.

Izakhamizi zase-Hammanskraal namaphethelo ziyalulekwa ukuthi zibilise amanzi ngaphambi kokupheka njengoba kusaphenywa ukuthi amanzi yini abulala abantu.

Ngokusho kukaMarx, umnyango uzothola imiphumela kuleli sonto esikhungweni sezempilo i-National Institute for Communicable Diseases ehlola amanzi ompompi. Kuze kube manje imbangela ayikaziwa.

“Siphinde seluleke abantu ukuthi bangawaphuzi amanzi uma bengaphathekile kahle kungcono bawabilise kuqala noma bawafake u-jik kodwa bengawafaki emlonyeni njengoba enjalo.

“Kodwa njengoba singenawo umphumela wokugcina ngeke siqinisekise ukuthi umsuka walokhu kushona kwabantu kungenxa yamanzi yini. Khumbula ukuthi isifo sohudo singasatshalaliswa ngezindlela ezahlukene – ngezindlela eziqondile nezingaqondile – ngakho-ke, sisebenzela ukuhlonza umsuka wokuqubuka kwalesi sifo kuqala,” esho.

Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto uMnyango wezeMpilo abantu abangu-95 base-Kanana, e-Suurman, e-Majaneng, e-Greenfield, e-Carousel View, e-Lephengville nase-Sekampaneng bahlolwe esibhedlela botholakala benezimpawu zesifo sohudo kusukela ngomhlaka-15 kuNhlaba.

Luhlanganiswe nguSongeziwe Mapukata

Isithombe ngenhla: Imibhede elungiselwe ukunakekela iziguli zesifo sohudo

Izihloko zakamuva