Kushone abayishumi engozini yaseDelmas

Abantu abayishumi balahlekelwe izimpilo zabo engozini enyantisayo ebandakanya itekisi neloli ku-R42 ngaseDelmas eMpumalanga ngoMsombuluko ekuseni.

Abanye abangu-24 balimele baphuthunyiswe ezibhedlela eziseduze.

Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi eMpumalanga, uMoeti Mmusi, ukuqinisekisile ukuthi abashonile abayisishiyagalombili bebegibele itekisi okuhlanganisa nomshayeli wayo kanti ababili bebegibele i-truck.

“Izisulu kuthiwa zishonele endaweni yesigameko. Kwabalimele abangu-18 bebegibele iloli, abayisithupha besetekisini,” kusho uMmusi.

Imbangela yengozi okwamanje ayikaziwa, kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: Ingozi eyenzeka eDelmas.

Umthombo: Arrive Alive

Izihloko zakamuva