Kushone abawu-9 ngempelasonto eNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Impelasonto edlule ibengenye yalezo ezinodlame eNelson Mandela Bay njengoba kubulelwe abantu abayisishiyagalolunye ezigamekweni zokudubulana kusuka ngoLwesihlanu ebusuku kuze kube yiSonto ekuseni.

Esigamekweni sokuqala sangoLwesihlanu ebusuku, umndeni waseMotherwell ulahlekelwe indodana yawo, umzukulu kanye nomngani womndeni bedutshulwa besendlini yabo yokuphumula.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa uthe abasolwa abathathu abangaziwa bangene kulo muzi badubula uXolokazi Msizi, uGcobisa Mabuya noLuthando Ngece.

UMsizi (27) ushonele egumbini lokuphumula likagogo, kwathi uNgece (28) noMabuya (36) bashona ngemuva kokuphuthunyiswa emtholampilo eMotherwell.

UNksz Nontembiso Ngece ongunina kaLuthando nogogo kaMsizi uthe abebehlomile bafune uMsizi ukuthi avule i-app yakhe yasebhange bamdubula ngoba bethi akanamali.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi abanye abantu abayisithupha badutshulwe babulawa ezigamekweni ezehlukene eMotherwell, ezindaweni ezisenyakatho, naKwazakhele.

Isishoshovu somphakathi uPamela Mabini uthe kunesidingo esiphuthumayo sokuthi kugcinwe umthetho ukuze kulungiswe udlame lwezibhamu oluqhubekayo edolobheni.

“Sidinga abomthetho ukuze baqhamuke nohlelo nesu lokulungisa lento esibheke nayo. Thina njengezakhamizi siyalikhumbula idolobha lethu elinokuthula,” kusho uMabini.

Isithombe esingenhla: ltape yamaphoyisa.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva