Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kushone abantu abathathu kwathi ababalelwa ku-3 000 balahlekelwa amakhaya abo ngemuva kwezimvula ezinamandla nezikhukhula eNelson Mandela Bay ngoMsombuluko nangoLwesibili.
IMeya uGary Van Niekerk uthe umasipala uyaphenya ukuthi abagilwa bashone kanjani.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo,” usho kanje.
Abantu abangu-3,000 abangenamakhaya ngenxa yezikhukhula bahlala ezindaweni zokukhosela ezingu-19 edolobheni lonke.
“Njengendlela yokungenelela, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke kulindeleke ukuthi ujube izikhulu ezintathu namuhla ukuze zihlole ngaphambi kokubheka izindlela zokuthutha abantu abathintekile babayise ezindaweni zokukhosela zesikhashana,” kusho uVan Niekerk.
Imeya ithe umasipala usafuna imali yokuhlinzeka ngezindlu zesikhashana kuze kutholakale izindlu eziwunomphela.
Izindawo eziningi ziphelelwe ugesi ngoLwesibili ngenxa yemvula. Umasipala umatasa ukulungisa lokhu.
“Kuyaqhubeka ukuhlolwa komonakalo wengqalasizinda, njengoba isiteshi i-Greenbushes sicishe sacwila emanzini,” kusho uVan Niekerk. “Okwamanje amakhasimende ahlinzekwa ngogesi ophuma kwi-Chelsea/Greenbushes.”
Lezi zikhukhula zithinte kabi amabhizinisi kamasipala omkhulu. I-NMB Business Chamber ithi u-62% wabasebenzi awukwazanga ukuya emsebenzini.
“Amanye amarenki amatekisi emalokishini awasebenzi, nokuyinto ephazamisa ukuhamba kwezakhamizi,” kusho imeya. Abalimi nabo bakhahlamezeke kakhulu ngenxa yezimvula ezinamandla nezikhukhula.”
Esithombeni esingenhla: Iqulu labantu likhuculula imfucumfucu edalwe izikhukhula phakathi komgwaqo uMabandla noMatanzima KwaNobuhle, e-Kariega.
Umthombo wesithombe: Facebook
