Kushone abathathu, oyedwa walimala ngesikhathi bedubulana namaphoyisa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

lisesimweni esigculisayo iphoyisa ngemuva kokudutshulwa ngabasolwa esigamekweni sokudubulana lapho kushone khona abaduni bezimoto abathathu eMlazi, KwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda uthe abasolwa badune owesifazane esigcemeni sakwa-R eMlazi, amaphoyisa abe esephendula ngokushesha.

“Kube khona ukujahana ngesivinini esiphezulu, kwa-T Section kwase kuthi abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, okuholele ekutheni amaphoyisa nawo aphindisele,” kusho uNetshiunda.

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abathathu. Iphoyisa lidutshulwe engalweni kodwa lisesimeni esigculisayo.

Abasolwa batholwe nezibhamu ezintathu nemoto ebiduniwe. Lona obephucwe imoto akalimalanga.

Isithombe esingenhla: Indawo yobugebengu.

Umthombo: KZN SAPS

Izihloko zakamuva