Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa athi kushone amadoda amathathu abefunwa uthuli kwathi abanye abathathu balimala ngemuva kokudutshulwa kwamaphoyisa ngesikhathi egasela eManguzi ngomhlaka-30 kuLwezi.
Amaphoyisa athi athole izibhamu ezimbili, okuhlanganisa nesibhamu samaphoyisa esabikwa ukuthi silahlekile satholakala ngo-2010, kanti uphenyo luzobheka ukuthi sibuyele kanjani ezandleni zezigebengu.
Amaphoyisa asenyakatho neKwaZulu-Natal angenele ithimba elimataniswa namacala amathathu okubulala eManguzi ngo-2023 kanye nelinye elokubulala eNgwavuma ngomhlaka-30 kuMfumfu ka-2025.
Amaphoyisa athi athole ulwazi lokuthi la madoda abecashe endaweni yasePhelandaba ngeSonto. Ngesikhathi amaphoyisa esondela, abasolwa bavulele ngenhlamvu. Amaphoyisa adubula aphindisela.
Amadoda amabili ashonele endaweni yesigameko. Abanye abane baphuthunyiswe emtholampilo oseduze. Indoda yesithathu yashona ngesikhathi ifika. Amadoda amathathu alimele asagadiwe.
Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili. Esinye ingxenye yenombolo ixikiziwe. Esesibili isibhamu samaphoyisa okwabikwa ukuthi saduka e-Newlands East ngoMbasa ka-2009. Amarekhodi aveza ukuthi isibhamu esifanayo saphinde satholakala esiteshini samaphoyisa eNhlanhleni ngo-2010.
Abaseshi bafuna ukwazi ukuthi isibhamu siphinde sanyamalala kanjani sagcina sesitholakala kubasolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa adubule aphindisela ukuvikela wona kanye nomphakathi. Uthi noma ngubani omataniswa nokwenza okubi okuthinta isibhamu esilahlekile uzobhekana nengalo yomthetho.
Amaphoyisa athi uphenyo ngesigameko sokudubula kanye namacala okubulala phambilini lusaqhubeka.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa endaweni yesigameko ngemva kokudubulana nabasolwa
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
