Lubhalwe umbhali we-Stuff
Kushone abokufika abathathu kwalimala kanzima abayisithupha ngemuva kwesigameko sokudubula ngoLwesihlanu ebusuku eHout Bay, eKapa.
Ukuhlasela kusolwa ukuthi kuhlobene nemali efunakalayo yokuvikela (protection fee).
Amadoda angaziwa ahlasele izipaza ezintathu eziku-Molokwane Street endaweni yase-Imizamo Yethu.
Isakhamuzi esicele ukungadalulwa, sichaze isimo.
“Ngemuva kokuzwa kuqhuma izibhamu, ngibone ukuthi kukhona obulewe. Bekungathi ifilimu,” kusho isakhamuzi.
“Ngesikhathi sizwa ukuqhuma kwesibhamu, ngiyeke ukulungisa isidlo sasebusuku, sacasha ngaphansi kwemibhede namatafula sacambalala phansi ukuze sigweme inhlamvu engase iphaphalaze.”
Uphumele ngaphandle ngemva kokuzwa kufika amaphoyisa.
“Indawo yethu bekuyindawo ephephile kodwa izinto zashintsha ngesikhathi kuqala lolu daba lwemali yokuvikela, besike siluzwe kwezinye izindawo kodwa manje seluyenzeka lapha, ngizwe kuthiwa abashonile badutshulwe ngamalungu ezigebengu ezikhokhisa imali yokuvikela,” kusho yena.
Lesi sakhamuzi sichaze ukuthi abantu bokufika abaqhuba izipaza baphoqeleka ukuthi bakhokhe imali yokuvikela amaqembini ahlukene.
“Kubuhlungu ukuthi babulawe ngisho sebekhokhele amanye amaqembu, kuthe uma kufika iqembu lesithathu bese bengenayo imali, babulawa,” usho kanje.
“Akekho ophumele ngaphandle ngoMgqibelo, futhi bambalwa abantu abaphume ngeSonto. Bekungathi sekuphinde kwafika isikhathi somvalelandlini futhi, njengangesikhathi se-Covid-19.”
Uthe akaqondi ukuthi kungani uhulumeni engenzi lutho ngodaba lwemali yokuvikela.
“Abantu abangenacala babulawa nje befuna ukondla imindeni yabo,” kusho isakhamuzi.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uColonel Andre Traut, ukuqinisekisile ukuthi abaseshi bamatasa bathungatha abasolwa ngokufa kwabantu abathathu bokufika kanye nelokuzama ukubulala abanye abayisithupha.
“Amadoda angaziwa avulele ngenhlamvu ebhekise kwabashonile. Amadoda amathathu ashonile, abanye abayisithupha baphuthunyiswe esibhedlela belimele kakhulu,” kusho uTraut.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela