Kushone abathathu kuhlasela isiphepho eZim

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Isimo sezulu esingesihle sesiqalile ukuhlasela isifunda sase-Chimanini nesase-Chipinge esifundazweni sase-Manicaland njengoba sekushone abantu abathathu kwafa nezinkomo.

Abashonile bashaywe umbani ngesikhathi isiphepho u-Freddy, sihlasela e-Zimbabwe.

Izikole eziningi kuzona zombili lezi zifunda zithinteke kakhulu njengoba ziphephuke uphahla ngoLwesihlanu ngenxa yemvula engapheli nomoya onamandla.

Uhulumeni uyalele ukuthi izikole zivalwe ezindaweni okungenzeka zithinteke njengoba bezama ukugwema ukuphindeka kwenhlekelele eyenzeka ngesiphepho u-Idai esashiya senze umonakalo omkhulu.

Umxhumanisi we-Chipinge District Development Coordinator (DDC) uWilliam Mashava uthe umuntu oyedwa ushaywe umbani nezinkomo eziyisikhombisa ngesikhathi amabhilidi amahlanu esikole ephephuka uphahla e-Chipinge.

“Kuyimanje simatasa nokulungisa umonakalo odalekile cishe kuwo wonke amawadi futhi sizwelana nemindeni elahlekelwe izihlobo zayo nemfuyo yayo,” esho.

UMashava wengeze ngokuthi abakwazi ukusiza kahle imindeni ekhahlamezekile ngenxa yokuthi imigwaqo icekeleke phansi.

UDokotela wase-Chimanimani uJoseph Manyurapasi uthe esifundeni sakhe umuntu oyedwa ushaywe umbani izikole ezimbili zacekeleka phansi.

“Sesiyixwayisile imiphakathi yethu ngesiphepho esizayo futhi sekuhlonzwe izindawo zokukhosela ezicishe zibe ngu-90 kuso sonke isifunda,” esho.

“Siphinde savula isikhungo sethu sesifunda esinamalungu alindile ukuze aphendule kunoma yiziphi izimo eziphuthumayo ngesikhathi senhlekelele,” engeza.

I-Manicaland yathinteka kakhulu ngesiphepho u-Idai kanti imindeni eyasuswa ngo-2018 namanje ayikabinawo amakhaya njengoba ike yaphikelela yathi ifuna ukwakha kabusha amakhaya ayo ezindaweni ezithintekile.

Kwesinye isigameko esenzeke e-Shamva kuqinisekiswe ukuthi oyedwa ushonile ngemuva kokuthi isihlahla abecashe ngaphansi kwaso siwe ngesikhathi kuna imvula enamandla.

Uphiko lwe-Civil Protection Unit luxwayise abantu ukuthi bayeke ukucasha ngaphansi kwezihlahla uma kunemvula enamandla.

Esithombeni esigenhla: Isihlahla esiwile ngesikhathi kuna imvula enamandla

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva