Kushone abathathu kubalwa nomfundi kwesihlobene nombango wamatekisi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abantu ababili badutshulwe babulawa behleli emotweni yabo eBraamfontein ngoLwesine ntambama.

Lesi sigameko okucatshangwa ukuthi sihlobene nemibango ethinta amatekisi sithuse abaningi njengoba kudubuleke nabafundi abebesebhasini ebelidlula endaweni yesigameko.

Kushone umfundi oyedwa omunye waphuthunyiswa esibhedlela enenxeba lokudutshulwa kanti usesimeni esibucayi.

Iziphathimandla ziphuthume endaweni yesigameko kanti sekutshalwe amaphoyisa ukuze aqaphe isimo.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) uXolani Fihla uthe imbangela yokudubula ayikaziwa.

“Uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi kuqhamuke abantu bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni yohlobo lwe-BMW. Kudutshulwe abesilisa ababili abebephakathi, kwathi abafundi ababili badubuleka ngesikhathi ibhasi yabo idlula lapho bekuqhuma khona isibhamu.”

Isithombe esingenhla: Indawo okwenzeke kuyo ubugebengu.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva