Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili besemotweni abebehamba ngayo e-Braamfontein ngoLwesine ntambama kwathi abafundi ababili badubuleka ngephutha. Omunye umfundi ushonele endaweni yesigameko.
La madoda amabili kukholakala ukuthi angabanikazi bamatekisi abephuma emhlanganweni e-Newtown elibangise e-Fourways. Ngesikhathi bepaka ku-Jorissen Street e-Braamfontein maqondana ne-Rosebank College, ngaphambi nje kwebhuloho elidumile iNelson Mandela Bridge, iqulu lamadoda abehamba nge-Toyota Fortuner liqale ukubadubula. Abebehlaselwa besemotweni i-BMW 3 baphindiselile.
Abafundi ababili abebesebhasini ebelipake ngaphesheya komgwaqo badubuleke ngephutha. Umfundi oyedwa ushonele endaweni yesigameko kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela esesimweni esibucayi.
Imithombo ekhulume ne-Scroll.Africa ebisendaweni yesigameko ithe abasolwa ababulawe emotweni yohlobo lwe-BMW bebengabanikazi bamatekisi kanti kungenzeka ukuthi ukudubulana kuhlobene nombango wemizila yamatekisi.
Ngenkathi i-Scrollla.Africa sifika abafundi abaningi bebesashaqekile ngokubona ukubulawa kwabantu, abanye bakuchaza njengefilimu.
“Ukuqhuma kwesibhamu kuqhubekile,” kusho omunye umfundi ongathandanga ukudalulwa. “Ngokushesha, sabona owesilisa ohlezi esihlalweni esingaphambili naye obedubula ewela ngaphandle kwefasitela lemoto. Sonke sibaleke sayocasha njengoba bekubonakala kuyisimo esiyingozi kakhulu.”
Umshayeli webhasi obebonakala ethukile ubehleli evenini yamaphoyisa.
Bekumapeketwane endaweni yesigameko njengoba abafundi nabadlula ngendlela bebefuna ukusondela bezobona umufi. Kodwa indawo yesigameko ibibiyelwe futhi isigadwe yiziphathimandla.
Inyuvesi yase-Wits ikhiphe isitatimende sangaphakathi ikhuluma ngesigameko sokudubulana, okuhlanganisa nokuthi “akekho umfundi noma abasebenzi base-Wits abalimele ngesikhathi sokudubula”.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe abasolwa abangaziwa badubule amadoda amabili.
“Bobabili abesilisa ebebesemotweni kanye nomfundi oyedwa kuthiwa bashonile kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane ukuze athole ukwelashwa.
“Inhloso yesigameko ingaphansi kophenyo lwamaphoyisa kanti kuvulwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala. Akekho osaboshiwe.”
Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni lwawo noma ekulandeleni abasolwa ukuthi athinte i-Crime Stop Line ku-08600 10111 noma abikele i-MySapsApp ngokungaziwa.
Esithombeni esingenhla: Indawo okwenzeke kuyo isigameko.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga