Kushone abashayeli bamabhasi ababili esigamekweni sokudubulana eSoweto

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kudutshulwe kwabulawa abashayeli bamabhasi ababili ezigamekweni ezehlukene eSoweto ngoMsombuluko ebusuku amaphoyisa asathungatha ababulali.

Lokhu kuhlasela kulandela ukushiswa kwamabhasi angaphezu kuka-50 ngesonto eledlule eMpumalanga lapho kuboshwe abasolwa ababili.

Kudutshulwe kwabulawa abashayeli bamabhasi ababili ezigamekweni ezehlukene eSoweto ngoMsombuluko ebusuku.

Amaphoyisa athungatha iqembu lezigelekeqe elibulale bobabili abashayeli, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Dimakatso Nevhuhulwi.

“Esehlakalweni sokuqala, kubikwa ukuthi umshayeli ume erobhothini eliku-Wildchestnut Street e-Protea Glen ngesikhathi edutshulwa wabulawa abasolwa abangaziwa,” usho kanje.

Isigameko sesibili sokudubula senzeke ku-Tshithuthune Street. “Esehlakalweni sesibili, ku-Tshithuthune Street, ozibonele ubika ukuthi ubengumgibeli wokugcina ebhasini ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu wabe esecasha,” kusho uNevhuhulwi.

“Kuthe sekuthulekile waqaphela ukuthi umshayeli udutshuliwe, wazama ukushayela ibhasi kodwa lashayisa udonga. Umshayeli kuthiwa ushonile endaweni yesigameko, umgibeli akalimalanga. Kuzo zombili izigameko inhloso akwaziwa okwamanje, nophenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.”

Lezi zigameko zokubulala zenzeka ngemuva kwesonto izigebengu zishise amabhasi angaphezu kuka-50 eMpumalanga. Amaphoyisa abophe abantu ababili ngokushiswa kwamabhasi.

Amaphoyisa athi okwamanje awakazi ukuthi kungani abashayeli bebulewe kodwa baphenya amacala omabili okubulala.

Esithombeni esingenhla: Indawo yobugebengu lapho kudutshulwe kwabulawa omunye wabashayeli bamabhasi e-Protea Glen, eSoweto.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva