Kushone abasebenzi abawusizo kuhlasela indiza yakwa-Israel e-Gaza 

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Kushone abasebenzi abayisikhombisa benhlangano i-World Central Kitchen (WCK) esigamekweni sokuhlasela kwendiza maphakathi ne-Gaza.

Abashonile kuhlanganisa abomdabu base-Australia, e-Britain, e-Poland, kanye nabase-Palestine nomuntu onobuzwe obubili base-US nase-Canada.

Bebehamba ngezimoto ezimbili ezihlomile ezinophawu lwe-WCK.

Selokhu kwenzeke lesi sigameko inhlangano isimile ukusebenza.

I-World Central Kitchen ithe yize bebesebenzisana nombutho wezokuvikela wakwa-Israel (IDF), izimoto zabo zihlaselwe ngemuva kokuphuma endaweni egcina impahla e-Deir al-Balah lapho bebehambise khona ukudla okungamathani angu-100 e-Gaza, kubika i-Reuters.

“Lokhu akukhona nje ukuhlaselwa kwe-WCK, lokhu ukuhlaselwa kwezinhlangano ezisiza abantu abasesimweni esibi kakhulu lapho ukudla kusetshenziswa njengesikhali sempi,” kusho u-Erin Gore, isikhulu esiphezulu se-World Central Kitchen.

“Lokhu akuxoleleki.”

Amasosha akwa-Israel athembise uphenyo mayelana nokuhlasela kwezindiza okwenziwa yinhlangano ezimele.

“I-IDF yenza imizamo emikhulu ukusiza ukulethwa kosizo oluphephile futhi ibisebenzisana kakhulu ne-WCK emizamweni yabo ebalulekile yokuhlinzeka ngokudla nokusiza abantu base-Gaza,” kusho umbutho wezempi wakwa-Israel.

Esithombeni ngenhla: Abe-World Central Kitchen.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva