Everson Luhanga
Kushone ozamazama abayisithupha kwathi abanye abayisikhombisa balimala ngesikhathi sempi yezibhamu phakathi kwamaqembu amabili ozamazama ayizimbangi.
Amaphoyisa athe ukubulawa kwabantu emijondolo yaseZamimpilo ngase-Riverlea, entshonalanga neGoli, kuqale ngeSonto ngomhla zingama-22 kuNcwaba lapho okudutshulwe khona kwabulawa abantu ababili.
Ngosuku olulandelayo, amalungu omphakathi abethukuthele azingela laba bantu okuthiwa bayizigebengu. Abathathu babanjwa kwathi ababili bashaywa baze bashona ngenkathi omunye ephuthunyiswa esibhedlela.
Ilungu lomphakathi lithe ngemuva kokuba abantu abasolwa ngokwenza amacala amabili okuqala bethathwa, oshayasibhamu babuye bezoziphindisela. Badubule babulala abanye abantu ababili kwathi abanye balimala ngoLwesibili.
Ukubulawa kwalaba bantu kwenze ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant General Elias Mawela avakashele umphakathi ngoLwesithathu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni Kay Makhubele uthe uKhomishana uyalelwe ukuthi aqale umkhankaso omkhulu wamaphoyisa kule ndawo.
NgoLwesihlanu, kutheleke amaphoyisa akwa-Metro, abezokuphepha abazimele nezinye izinhlaka zomthetho zikahulumeni, kanti bekulokhu kunamaphoyisa amaningi kusukela lapho.
UMakhubele uthe amaphoyisa ashaqe imishini yezimayini engekho emthethweni avala nezindawo zotshwala ezingekho emthethweni.
Balinganiselwa kwabayi-100 abantu ababoshiwe, iningi labo okungabokufika ngokungemthetho, kanye nalabo okusolwa ukuthi bangabaholi beqembu lezigelekeqe.
UMelissa Thokwana, ongumhlali wendawo nongumama wezingane ezintathu, uthe ukuhlala kulo mphakathi kufana nokuhlala endaweni yempi.
“Njalo sizwa ukuqhuma kwezibhamu nganoma yisiphi isikhathi sosuku,” esho.
Uthe okumkhathaza kakhulu ukuthi abafana bakhe ababili bazokhula bebona abantu bebulawa umphakathi bezwa nokuqhuma kwesibhamu.
“Ayikho enye indawo engingaya kuyo. Yile ndawo kuphela engingayibiza ngekhaya,” esho.