Kushone abantu abangama-26 engozini yebhasi e-Eastern Cape

Sandiso Phaliso

Kushone abantu abangama-26 ngemuva kwengozi yebhasi eyenzeke ku-N2 phakathi kwe-East London ne-Butterworth e-Eastern Cape.

Kungenzeka isibalo sabashonile sikhuphuke njengoba abezimo eziphuthumayo bematasa lapho okwenzeke khona ingozi.

Le bhasi ephethwe i-DMJ ibisuka e-Cape Town iya e-Eastern Cape, kodwa iphelele e-East London.

Ingozi yenzeke ngemuva kokuba kushaye ihora lesihlanu ntambama.

Okhulumela uNgqonqgoshe wezemigwaqo e-Eastern cape u-Unathi Bingose uqinisekisile ukuthi abantu abangama-26 bashonile.

Amaphoyisa aqinisekisile ngengozi, kodwa abafunanga ukusinika imniningwane ephelele njengoba abaphathi babo besase ndaweni yesehlakalo.

Okhulumela amaphoyisa u-Brigadier Tembinkosi Kinana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi angeke bakwazi ukusinika imininingwane ephelele ngengozi njengoba abezimo eziphuthumayo besasebenza endaweni yesehlakalo.

U-Amelia Ngamlana uthe ubekhathazekile ngenkathi efonela umzala wakhe ucingo lwakhe luvaliwe.

Asikamtholi futhi sikhathazekile. Sithemba ukuthi uphephile kusho uNgamlana

Le ndaba iyaqhubeka.

Izihloko zakamuva