
Dylan Bettencourt
Umdlalo wase-Mexico wesigaba sokuqala uhoxisiwe ngemuva kwengxabano eshubile phakathi kwabalandeli okubikwa ukuthi kushone abantu ababalelwa kwabangu-17 kwalimala abangu-22.
Umdlalo phakathi kwe-Queretaro FC ne-Atlas FC umiswe phakathi nesiwombe sesibili – ngemuva kokuthi abalandeli basekhaya begasele enkundleni baqale ukuhlasela abadlali abavakashile nabalandeli ngokufanayo.
Imibiko evela e-Mexico ibize lesi sigameko “njengesiphithiphithi” esiholele ekutheni kulimale abantu abaningi.
Esitatimendeni esisezinkundleni zokuxhumana, uMengameli we-Liga MX uMike Arriola usigxekile isenzo sabalandeli.
“Udlame olungamukelekile noludabukisayo enkundleni yezemidlalo i-Corregidora e-Queretaro. Labo abangayilandeli imithetho yezokuphepha enkundleni yezemidlalo bazojeziswa kanzima,” esho.
“Ukuphepha kwabadlali nabalandeli bethu kuhamba phambili. Umdlalo ngeke uphinde uqhubeke ukuze kuvikelwe ukuphepha kwawo wonke umuntu”.
U-Arriola wengeze ngokuthi eminye imidlalo yangempelasonto izomiswa kulandela lesi sigameko.
Iligi yase-Mexico ithe uphenyo seluqalile ngalesi sigameko.
“Iligi isiqale uphenyo olunzulu ngokwenzeke enkundleni nangaphandle kwenkundla ngesikhathi somdlalo obuphakathi kwe-Queretaro ne-Atlas. Izikhalazo zobugebengu ezihambisanayo nazo zizofakwa ngezenzo zodlame e-Estadio Corregidora,” kusho iligi.
Umthombo wesithombe: @Goal