Kushone abangaphezu kuka-200 eMalawi kuhlasela uFreddy

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Isigodi sonke esifundeni sase-Chiladzulu e-Malawi sigqitshwe inhlabathi.

Bekuyindawo lapho izingane, izaguga nemfuyo yabo bekuhlalwa kuyo ngokuthula nangokuzwana. Kodwa akukho lutho olusele olukhombisa ukuthi abantu bake baphila lapha.

Abantu abaningi balahlekelwe izimpilo zabo. Imfuyo iye yamuka kanye nemizi nengqalasizinda icekelwe phansi ngamanzi adla lubi ezindaweni eziningi ezifundeni ezahlukene e-Malawi.

Isiphepho uFreddy esithathe inyanga yonke singesinye seziphepho ezinamandla kakhulu ezake zahlasela iNingizimu yeNkabazwe kanti sesibulale abantu abangaphezu kuka-200 e-Malawi ngesikhathi abaningi besadukile.

Ngesikhathi amanzi engena ezindlini ukukhala kwabantu becela usizo kuzwakala kumavidiyo afakwe ezinkundleni zokuxhumana.

Umoya onamandla namanzi kubonakala kukhukhula izihlahla nezindlu. Ababukele babukeka bethukile futhi besabela ukuthi bazobathola yini abathandiweyo babo abalahlekile.

Abantu abasindile abanandawo yokuhlala nokudla. Izwe liguqe ngamadolo lifunela abantu balo usizo.

I-Malawi incike kakhulu emapulazini endawo ukuze ithole ukudla kanye nemithombo yemali engenayo, kodwa izitshalo kanye namapulazi – kucekeleke phansi.

UMengameli uLazarus Chakwera umemezele isimo senhlekelele esifundeni esiseningizimu yezwe. Le nhlekelele ikhungethe amadolobha akuleliyazwe i-Blantyre, i-Chikwawa, i-Chiradzulu, i-Mulanje Mwanza, i-Nsanje, i-Thyolo kanye nenhlokodolobha endala yezwe ezifundeni zase-Zomba.

UChakwera uthe uhulumeni uyasabela ezimweni eziphuthumayo futhi unikeza usizo oluphuthumayo kuzo zonke izifunda ezithintekile. Unxuse ukuthi kube nokwesekwa kwezwe lakhe nakwamanye amazwe kuyo yonke imindeni ekhahlanyezwe yile nhlekelele.

NgoLwesithathu mhlaka-15 kuNdasa uChakwera uvakashele lezi zindawo. UMengameli uthe usazohlala esifundeni esiseningizimu ukuze ahole imisebenzi kahulumeni ekulweni nomonakalo odalwe isiphepho.

Isimo sezulu esibi asidalanga umonakalo e-Malawi kuphela. I-Mozambique ne-Madagascar nawo amazwe ashayeke kanzima. Kube nokushona kwabantu nokucekelwa phansi kwempahla nengqalasizinda kuwo womabili la mazwe.

Khonamanjalo, uMengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo kohulumeni nakwizakhamizi zase-Malawi, e-Mozambique kanye nase-Madagascar ezikhahlanyezwe isiphepho uFreddy.

Esithombeni esingenhla: Isiphepho uFreddy e-Malawi 

Umthombo wesithombe: Greenpeace

Izihloko zakamuva