Kushone abane ngenxa yesiteleka seNehawu 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla ukuqinisekisile ukuthi kushone abantu abane ezibhedlela zaseGoli ngenxa yamalungu e-Nehawu abetelekile.

Kungase kube nokunye!

UPhaahla ukhulume ne-Scrolla.Africa ngoLwesine esibhedlela iBheki Mlangeni, e-Soweto lapho ungqongqoshe ebevakashele khona ngemuva komonakalo odalwe amalungu e-Nehawu abetelekile.

UPhaahla uthe umnyango wakhe uthole umbiko ovela ezikhungweni zezempilo ezimbalwa zaseGoli futhi ulinde umbiko ogcwele kuzo zonke izibhedlela nemitholampilo ethintekile esifundazweni.

UNgqongqoshe uphinde wathi umnyango awukayitholi imibiko evela kwezinye izifundazwe ezithintekile njengaseMpumalanga, KwaZulu-Natal nase-Free State lapho okuke kwabikwa khona ukuthi kunesiphithiphithi kwezinye izikhungo.

“Asikuqinisekisi okunye ukushona kwabantu okuhlobene nesiteleka. Silinde imibiko eqinisekisiwe evela ezikhungweni ezahlukene ngaphambi kokuthi senze ezinye izimemezelo,” kusho ungqongqoshe.

Lesi siteleka siqhubekile ezindaweni eziningi zezwe ngoLwesine.

E-Soweto esibhedlela iChris Baragwanath amaphoyisa kudingeke ukuthi adubule ngezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza ababhikishi abebebonakala bevimba abasebenzi neziguli ukuthi zithole usizo lwezempilo esibhedlela.

Abanye abasebenzi bezempilo bakulesi sikhungo babonakale bephuma esibhedlela namabhandishi ngemuva kwezinsolo zokudutshulwa ngamaphoyisa ngezinhlamvu zenjoloba.

UPhaahla uthe babe nomhlangano nezinhlaka zomthetho ikakhulukazi i-South African Police Services ukuze baqaphe izikhungo futhi bangabekezeleli ukwephulwa komthetho okwenziwa ababhikishi.

Khona e-Soweto esibhedlela iBheki Mlangeni inyala yamaphoyisa ibimi esangweni elikhulu lesibhedlela nezinye izimoto zamaphoyisa ebeziqaphe yonke indawo.

Kubonakale iqulu labantu abebephethe amafulegi e-Nehawu becula bedansa emnyango wesibhedlela.

Bekunuka umlilo wamathayi abevutha.

Ngaphakathi esibhedlela amabhentshi ebengenalutho.

Abasebenzi bakulesi sibhedlela bathe ezinsukwini ezintathu ezedlule bekunzima njengoba bebesatshiswa ngabasebenzi abatelekile.

Khonamanjalo, uMnyango wezeMpilo eGoli uthole incwadi yenkantolo evimbela amalungu enyunyana atelekile ukuthi ayeke ukuvimba ukunikezelwa kwezidingo zezempilo ezigulini nokuthi banikeze abasebenzi ithuba lokuya emsebenzini.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uMotalatale Modiba uthe umnyango uye eNkantolo yezabaSebenzi eGoli ngoLwesithathu ngemuva kwesiphithiphithi esenzeke kwezinye izikhungo esidale ukuthi kumiswe usizo kwezinye izibhedlela.

Esithombeni esigenhla: Isibhedlela iBheki Mlangeni

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva