Kamogelo Muvhenzhe
Kushone abantu abane kwalimala inqwaba ngesikhathi kuwa udonga emshadweni obuse-Limpopo ngoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe abantu abebehambele umcimbi womshado e-Ga-Chuene bebesetendeni elihlanganiswe nebhilidi elingenalo uphahla.
Kuqubuke umoya onamandla etendeni, udonga lwawa.
“Udonga luwile, kwashona abantu abathathu ngaso leso sikhathi,” kusho uMojapelo.
Abanye abantu abayi-12 balimale kanzima base bephuthunyiswa esibhedlela, kamuva kwashona umuntu oyedwa ngenxa yokulimala.
UMojapelo wengeze ngokuthi seluqalile uhlelo lokuhlonza abashonile kanti imininingwane yabo izovezwa ngemuva kokuthi izihlobo zabo sezazisiwe.
Amaphoyisa aseLebowakgomo aseqale uphenyo.