Kushone abane kuhlaselwa ehostela 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Kudutshulwe kwabulawa abantu abane esigamekweni okusolwa ukuthi sihlobene namaqembu ezigelekeqe ehostela elidume kabi KwaMashu KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

Izisulu ezine zishone ngemuva kokudutshulwa zingaphakathi emjondolo okuthiwa uyindawo yokucima ukoma, kanti ezinye ezinhlanu zilwela izimpilo zazo esibhedlela.

Manje amaphoyisa azingela abasolwa abangu-20 “abahlomile futhi abayingozi” abaphethe izibhamu abayimbangela yalokhu kubulala okunyantisayo.

Imininingwane yabashonile igodliwe kuze kube imindeni yabo ihlonza izidumbu zabo.

Umholi womphakathi wendawo uThabani Sibisi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebelokhu bexwayisa amaphoyisa endawo ngamaqembu alwayo.

“Sekuphele izinyanga eziningi sitshela amaphoyisa ukuthi izigebengu ziyabulalana ehostela kodwa akukho okwenziwayo ukuvimba ukubulawa kwabantu. Asazi ukuthi laba bantu balwelani,” kusho uSibisi.

Kwesinye isigameko abantu ababili badutshulwe bashona ehostela ngempelasonto.

USibisi uthe amaphoyisa endawo awakwazi ukubhekana nezimpi zamaqembu ezigelekeqe ehostela laKwaMashu.

“Sibe nomhlangano namaphoyisa lapho esiwatshele khona ukuthi amaphoyisa awakwazi ukubhekana nezigebengu endaweni. Isigameko sanamuhla siyakufakazele lokhu esikhala ngakho,” esho.

Umakhelwane ongathandanga ukudalulwa uthe namanje ukuqhuma kwesibhamu kusankeneneza ezindlebeni zabo.

“Abantu abenze lokhu badlule phambi komnyango wami. Okulandelayo engikuzwile kube ukuqhuma kwesibhamu kuphindelela abantu becela ushwele,” kusho umakhelwane.

Umakhelwane uthe bonke abasolwa bebehlome ngezibhamu.

UMnu Vusi Zweni onguSihlalo wenhlangano Ubunye bamaHostela okuyinhlangano elelwa ubumbano emahostela uthe uhlukumezekile ngokubulawa kwabantu.

“Kufana nokuthi sithatha amagxathu amathathu siya phambili namagxathu amahlanu sibuyela emuva. Kade sizama ukwakha ubumbano ehostela laKwaMashu, kodwa yonke imizamo yethu ayiphumeleli. NgoLwesithathu kushone abantu abane. Siphatheke kabi kodwa sizoqhubeka nokulwela ukuthi kube nokuthula emahostela,” kusho uZweni.

“Siyazi ukuthi kukhona abantu abalwa bodwa lapha, kodwa asazi ukuthi kungani. Asivumeleni amaphoyisa aphenye athole umnyombo walokhu,” kusho uZweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Netshiunda uthe amaphoyisa asaphenya ngesimo sesigameko.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa avale ihostela laKwaMashu kulandela ukubulawa kwabantu abane ngoLwesithathu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva