Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Zishiye isililo izinkabi ebezihlomile ezibulale amalungu amahlanu omndeni owodwa eLusikisiki e-Eastern Cape ngoMsombuluko phakathi kwamabili.
Amalungu omphakathi esigodini saseLuphondo aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu, bathola ukuthi izisulu sezishonile kanti abahlaseli bese beshaye utshani.
Ofike endaweni yesigameko kube ikhansela lewadi uZamile Vatsha ngemuva kwesikhathi kwafika amaphoyisa, umholi wendabuko womphakathi kanye nekomidi lesigceme.
“Kubantu abahlanu ababulawe kulo mndeni abane kubo ngabesifazane kanti owokugcina ingane. Omdala uhlonzwe njengomuntu oneminyaka engu-70 kuya phezulu, ababili kubo ngabesifazane abaneminyaka cishe engu-40.”
Ngesikhathi sesigameko sokudubula izingane ezimbili ezinonyaka owodwa neyisishiyagalombili zikwazile ukuphuma zingenamyocu.
Umphakathi usale ubambe ongezansi ngalesi sigameko, ngokusho kukaVatsha.
Umholi wendabuko wendawo, iNkosi Bathande Gebuza iphatheke kabuhlungu ngalesi sigameko futhi ayifunanga ukudalula imininingwane yokuhlasela ngesikhathi ikhuluma ne-Scrolla.Africa.
“Akukho esingakwenza, akusona isimo esimnandi futhi sibeka wonke umphakathi engcupheni. Awukho umphakathi ongenazo izinkinga, kodwa lokhu kuyathusa kakhulu.”
Amaphoyisa ase-Eastern Cape akuqinisekisile esitatimendeni ukuthi amacala amahlanu okubulala abantu abahlanu avuliwe.
Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa abangaziwa ukuthi baxhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze.
Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa okwamanje.