Kushone abahlanu kwenyantisayo KwaZulu-Natal 

Lubhalwe nguLungi Langa

Kushone abantu abahlanu ngemuva kokuthi izimoto eziningi zinqwabelane ngase-Cedara e-Midlands KwaZulu-Natal lapho okubalwa khona amaloli, izimoto namatekisi angu-35.

Ngemuva kwale ngozi ngoMsombuluko kusihlwa uMnyango wezokuThutha waKwaZulu-Natal uxwayise abashayeli bezimoto ukuthi baqaphele uma behamba ku-N3 eMgungundlovu njengoba umgwaqo uvalwe isikhashana ngenxa yokushayisana kwezimoto eziningi.

Esitatimendeni, okhulumela umnyango uKwanele Ncalane ukuqinisekisile ukuthi okungenani bahlanu abantu abashonile.

“Okungenani abantu abahlanu balahlekelwe izimpilo zabo ngesikhathi kulimala abaningi kule ngozi enyantisayo. Le ngozi ibandakanya amaloli amahlanu, amatekisi ayisishiyagalombili kanye nezimoto ezincane ezingu-22,” kusho isitatimende.

Uthe lesi simo siphoqe iziphathimandla ukuthi zivale imizila ebheke eningizimu phakathi kwe-Hilton kanye ne-Cedara eGoli. Ngaphezu kwalokho u-N3 North (obheke eThekwini) uphinde waphoqeleka ukuthi uvalwe ukuze kube lula kwabezimo  eziphuthumayo ukuthi bakwazi ukuhlinzeka ngosizo endaweni yengozi.

Ngenxa yenkungu kanye nemvula encane abashayeli bezimoto banxuswe ukuthi bashayele ngokucophelela.

UMnyango udonse abashayeli ngendlebe wathi basebenzise eminye imizila efana no-R103 ngoba ukuzama ukusebenzisa uthelawayeka kuzoholela ekutheni kube nokubambezeleka ezinhlelweni zabo zokuhamba kuze kube umgwaqo uyavulwa.

Kamuva kusihlwa okhulumela i-Emergency Medical Services KwaZulu-Natal, uRobert McKenzie uthe kusavela imibiko yokuthi “bangaki abantu abashonile kanye nabalimele” njengoba abezimo eziphuthumayo bebesasendaweni yesigameko besiza abalimele. Uthe le ndawo iyindawo okumele igwenywe.

Uthe “iningi labantu abalimele bahanjiswe esibhedlela.” Kodwa-ke, abezimo eziphuthumayo bebesasebenza ngokuzikhandla ukukhulula isisulu esisodwa ebesisavaleleke kule ngozi.

UMcKenzie uthe yize ingakaziwa imbangela yangempela yengozi njengoba isazophenywa iziphathimandla,kuyaqondakala ukuthi kunesimo sezulu esibi kakhulu endaweni ngenxa yokugcwala kwenkungu. 

Ubuye wengeza ngokuthi ngaphezu kwabezimo eziphuthumayo abasebenza endaweni yesigameko izikhulu ezibhekelele izinhlekelele ziphinde zabizwa ukuzosiza abashayeli abavaleleke ezimotweni noma izimoto zabo ezilimele.

Esithombeni esingenhla: Izimoto ezingu-35 ebezibandakanyeke engozini enyantisayo KwaZulu-Natal 

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva