Kushone abahlanu engozini eyenzeke e-EC

Kushone abantu abahlanu kwathi ababili balimala kanzima ngemuva kokuthi umshayeli wemoto ehluleke ukuyilawula yagingqika ku-R63 ngase-Bedford e-Eastern Cape.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape u-Unathi Binqose uthe le ngozi yenzeke ngoMgqibelo ngezithuba zabo-10 ebusuku.

UBinqose uthe imoto, i-Renault Sandero ibihamba ilibangise e-Adelaide inabantu abayisikhombisa, ngesikhathi igingqika.

“Abantu abane bashonele endaweni yesigameko, oyedwa washona efika nje esibhedlela i-Bedford. Abashonile [ngabesifazane] abane, phakathi kwabo kukhona intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa nomshayeli wesilisa,” kusho uBinqose.

Abesifazane ababili abalimele kanzima baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.

UBinqose uthe ngesikhathi kusaphenywa ngembangela yengozi kuvele sengathi umshayeli uhlulekile ukulawula imoto.

Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa i-Bedford ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Lihlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni ngenhla: Isithombe esiwumfanekiso.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva