Kushone abahlanu abebeyosoka

Kamogelo Olaitan

Sekuphele isikhathi esingaphansi kwenyanga iSifundazwe saseMpumalanga sisuse umthetho wokuvala izikole zokusoka – njengoba sekushone okungenani  abahlanu ngesikhathi sokusoka ebusika.

NgoLwesihlanu kushone izinsizwa ezimbili e-Verena ngemuva kwezinkinga ezibangelwe ukusoka.

UThomas Ntuli (19), uhlangabezane nezinkinga ngemuva kokusoka wase ephuthunyiswa emtholampilo lapho ashonele khona ngesikhathi elashwa.

USibusiso Masombuka (18), usoke ngosuku olwandulela ashone ngalo.

Ukhale ngokuphathwa isiyezi ngezithuba zabo-6 ekuseni ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Donald Mdluli uthe uMasombuka ukhishelwe eceleni ukuze ayophefumula kodwa ushonele endaweni yesigameko.

Abanye abebeyosoka abathathu abeminyaka engu-19, engu-22 kanye nengu-34 bashonele esikoleni sokusoka endaweni yase-Laersdrift.

UMdluli uthe amaphoyisa aphenya amacala amahlanu okubulala ngokungenhloso.

UMengameli we-Congress of Traditional Leaders of South Africa, uKgoshi Mathibela Mokoena, uthe baphatheke kabi ngalezi zigameko.

“Sicela abomthetho ukuthi baphenye ngokushona kwabantu kanti uma kutholakala ukuthi noma ngubani onikwe imvume yokuphatha izikole ube budedengu umthetho kumele uthathe indawo yawo,” kusho uKgoshi Mokoena.

Scrolla World Cup Quiz