Kushone abagijimi kwi-ultramarathon e-China ngenxa yesimo sezulu esibi

Arthur Greene

Imvula ebandayo, imimoya enamandla kanye nesiphepho kuhlasele ngesikhathi kugijinywa i-ultramarathon e-China ngoMgqibelo, kwashona abagijimi abangama-21.

Isimo sezulu esibi saletha ukwehla okungazelelwe emazingeni okushisa angaphansi kuka-zero ezintabeni zesifundazwe esisenyakatho-ntshonalanga ye-China, lapho umjaho wamakhilomitha ayi-100 owawunqamula khona.

Umjaho uqale ngokuthi iningi labahlanganyeli bawo abayi-172 bagqoke izikibha nezikhindi.

Kepha emini, izinga lokushisa lehla, futhi abaningana babahlanganyeli kulo mjaho bakwazi ukuthumela imiyalezo yosizo.

Abahleli bomjaho bathumele ithimba labatakuli elikwazile ukusindisa abagijimi abayi-18.

Kodwa umjaho awumiswanga, kwathi ngehora lesibili ntambama ngokwesikhathi sendawo, isimo sezulu saba sibi kakhulu futhi iziphathimandla zendawo zathola izingcingo ezengeziwe zosizo. Ngalesi sikhathi, abahleli bawumisile umjaho.

Ngokuhamba kosuku, abatakuli abangaphezu kwabangama-700 bathunyelwe ezintabeni, kodwa imizamo yabo kubikwa ukuthi iphazanyiswe ukuqhuma komhlaba.

Le nhlekelele ihlangabezane nentukuthelo yomphakathi, osole abahleli bomjaho ngokuhluleka ukuthobela izexwayiso zesibikezelo sezulu.

Embikweni wangoLwesihlanu, ababikezeli bezulu besifundazwe bakhiphe izexwayiso “zemvula enamandla engazelelwe, isichotho, umbani, kanye nemimoya enamandla esheshayo.” Khonamanjalo, iziteshi zezulu zendawo zibike amazinga okushisa azoncipha kakhulu ngaphansi kuka-zero, azokwenza ukuthi abagijimi bagijime ngemvula, isichotho nomoya.

Ngokusho kwephephandaba i-Guardian, izintandokazi ezinhlanu kweziyisithupha zokunqoba lo mjaho zashabalala ezivunguvungwini. Phakathi kwalaba kubalwa uLiang Jing oneminyaka engama-31 ophethe amarekhodi, oshiya ngemuva indodakazi eneminyaka emibili.

Intandokazi esindile, uZhang Xiaotao, ufake ulwazi lwakhe ezinkundleni zokuxhumana. Uchaze ukudlula umpetha womjaho uHuang Guanjunas, ongasindanga, ngesikhathi isimo sezulu siqala ukushintsha.

UZhang uthe wawa amahlandla amaningi ngaphambi kokuquleka  ngemuva kokumbatha ingubo yakhe yezimo eziphuthumayo.

Uthe usindiswe ngumalusi wendawo omthwale wamusa emgedeni oseduzane, lapho abanye abagijimi ababekhosele khona.

Ubhale wathi: “Njengomhlanganyeli, ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kulabo engigijime nabo abadlulile emhlabeni. Sengathi bangaphumula ngokuthula. Ukubonga kwami ​​okukhulu ngikudlulisela kumalusi. Ngabe ngishonile ukube akazange angisindise.”

Umthombo wesithombe: @richroll

Izihloko zakamuva