Kushone abagibeli ababili ezikhumulweni zezindiza i-OR Tambo nase-King Shaka

Kushone abagibeli ababili ezigamekweni ezehlukene ngoMgqibelo ezikhumulweni zezindiza i-OR Tambo eGoli naseThekwini e-King Shaka International Airport.

Ngokusho kwe-Airports Company of South Africa (ACSA), isehlakalo sokuqala senzeke ngesikhathi umgibeli ewa esuka esitezi sesihlanu ewela phansi esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International.

Abezimo eziphuthumayo babike ukuthi lo mgibeli ushoneleendaweni yesigameko.

Esehlakalweni sesibili umgibeli uwe wadindiliza esikhumulwenisezindiza i-King Shaka International Airport eThekwini washona ngemuva kwesikhashana.

Okhulumela i-ACSA u-Ernest Mulibana ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa awengamele womabili amacala, kwavulwa nedokodo lophenyo ukuze kuqhutshekwe ukuze kutholakale imbangela.

“Njenge-ACSA, sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubathandiweyo babo bobabili abagibeli ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uMulibana.

Imbangela yokushona kwabagibeli kuzo zombili izigameko ayikakaziwa.

Lubhalwe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: Isikhumulo sezindiza i-King Shaka eThekwini, KwaZulu-Natal.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva