Zukile Majova
Imizamo yokubulala inyoka iqembu labafundi esikoleni samabanga aphansi e-Eastern Cape iphele kabuhlungu njengoba kushone abafundi ababili, oyedwa usegumbini labagula kakhulu kanti abanye abane basesibhedlela.
Kushe okungenani abafundi abayisikhombisa besikole i-Nzulula Primary, e-Libode ngaphandle kwase-Mthatha, kwathi ababili babo banqotshwa ubuhlungu bamanxeba ashile bashona.
Isigameko esenzeke ngoLwesibili ngesikhathi sekhefu, siqale ngesikhathi abafundi bethola inyoka emagcekeni esikole bazama ukuyibulala.
Inyoka inyamalale otshanini obukhulu, la bafundi baqhamuka nesu lokushisa utshani ngethemba lokuyibulala inyoka.
Balande ama-sanitisers ezandla, atholakala kalula esikoleni njengengxenye yokuhambisana nomthetho we-covid-19 PEE.
Bafuthe ngama-sanitisers ezandla, umlilo wavutha kakhulu wangalawuleka.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMali Mtima, usiqinisekisile lesi sigameko: “Othisha baze ngale nyoka ngesikhathi bebona abafundi beyikhanda ngamatshe futhi bazama ngokushesha ukungenelela ngokujoyina abafundi ekubulaweni kwale nyoka.
“Ngeshwa laba bafundi abayisikhombisa bashiswe amalangabi omlilo ngesikhathi benza lokhu.”
UMtima uthe umfundi oyedwa ulashelwa esibhedlela iNelson Mandela Academic e-Mthatha, bese kuthi abane babo balashwa esibhedlela i-St Barnabas e-Libode.
Omunye umfundi udlule emhlabeni e-St Barnabas omunye wadlula emhlabeni esibhedlela iNelson Mandela Academic.
“Umnyango uthumele ukwesekwa ngokwengqondo esikoleni ukuhlinzeka ngezinsizakalo zokwelulekwa kothisha nabafundi. Ngaphezu kwalokho, ithimba lomnyango lizophinde livakashele isikole kanye nemindeni ethintekile namhlanje kubandakanya nemindeni emibili eshonelwe, ukuyobhonga emswaneni.”
UNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade udlulise amazwi enduduzo emindenini, abangani, isikole kanye nomphakathi wabafundi abashone kulesi sigameko.
Isithombe: @pixabay