Kushone abafundi abayisikhombisa base-Limpopo ezingozini zezimoto ezinyantisayo

Moyahabo Mabeba

Kubikwa ukuthi kushone abafundi abayisikhombisa ezingozini zezimoto ezinyantisayo ezigamekweni ezihlukene esikhathini esingaphansi kwesonto.

Isigameko sakamuva sibandakanya abafundi abane bebanga le-11 abafunda esikoleni samabanga aphezulu iRussel Bungeni abashone ngesikhathi iveni abebehamba ngalo lishayisana nenye imoto ngoLwesibili.

Phambilini, abafundi abathathu bakamatikuletsheni abafunda esikoleni samabanga aphezulu iBen Viljoen e-Groblersdal bashone engozini yemoto phakathi kwamabili mhla zinhlanu kuZibandlela.

La bafundi, bonke abaneminyaka eyi-18 ubudala, amagama abo kuthiwa nguJG Greyling, uStiaan Grobler kanye noConrad Meiring.

Bashone ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula imoto ngasebhulohweni i-Maalgate ku-N2 phakathi kwe-Glentana ne-George e-Western Cape.

UKaputeni uMalcolm Pojie, okhulumela amaphoyisa ase-George ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.

NgoMbasa, abafundi abayisithupha abafunda esikoleni samabanga aphezulu iJim Chavani e-Malamulele bashona ngesikhathi omunye umfundi oneminyaka eyi-19 ehluleka ukulawula imoto ababehamba ngayo.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Limpopo, uMnu Polly Boshielo, uthe ukushona kwabafundi akukhona ukulahlekelwa  kwemindeni yabo kuphela, kodwa wonke umkhakha wezemfundo nawo ulahlekelwe.

“Kunzima kithina ukuthi sibhekane nokulahleka kwalaba bantu abasebasha,” esho.

“Kubuhlungu ukuthi balahlekelwe izimpilo zabo njengoba bebezobhekana nomhlaba wangampela ngemuva kokuphothula izivivinyo zabo.”

USello Mahladisa, uNobhala we-Cosas esifundazweni uthe izigameko zakamuva zithuse abafundi.

“Lesi isikhathi esidabukisayo njengoba silwa ne-Covid-19. Siyethemba ukuthi lokhu kuzodlula bese sibheke ikusasa eliqhakazile.”

Izihloko zakamuva