Kushone ababili kwathi amakhulu asala engenamakhaya kuqubuka umlilo emijondolo yaseKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngale kokufa kwabantu ababili, amakhulu abantu asale dengwane ngemuva kokuqubuka komlilo ocekele phansi imijondolo emalokishini aseKapa, okuyikwaLanga, eMfuleni nase-Dunoon ngempelasonto.

UNomaza Mvakwendlu waseLanga uthi ubelele ngesikhathi ezwa abantu bedinda isililo.

“Njengoba bekuyimpelasonto ematasa ngizitshele ukuthi umsindo uqhamuka kubantu abebephuza utshwala, ngaze ngezwa omunye evusa abangani bakhe ethi ababaleke baphumele ngaphandle njengoba umlilo ubusuqalile ukushisa umjondolo wakhe,” kusho uMvakwendlu.

“Abakwazanga ukehlenga lutho, balahlekelwe yikho konke abebenakho.

“Asikwazanga ukuhlenga impahla yethu ngoba umlilo ubunamandla angazi ukuthi uqale kanjani kodwa ngizwe ngabantu ukuthi uqale esigxotsheni sikagesi,” kusho uMvakwendlu.

“Omakhelwane bethu abaningi basezinkonzweni, ngeke bazi nokuthi kushe imijondolo yabo ngoba bacisha omakhalekhukhwini babo uma besesontweni,” kusho uMvakwendlu.

Okhulumela abezicishamlilo kuleli dolobha, uJermaine Carelse, uthe abezicishamlilo bebematasatasa ubusuku bonke.

NgeSonto ngo-7.20 ebusuku bathole ucingo mayelana nokusha kwemijondolo elokishini lakwaLanga.

“Besinezimoto ezicisha umlilo ezingu-11 nabasebenzi ababalelwa ku-40, kwathi ngo-9.40 ebusuku umlilo ubusucishiwe, akubikwanga muntu olimele noma abashonile,” kusho uCarelse.

Kuphinde kwadingeka ukuthi babuyele elokishini lakwaLanga sekuqubuke omunye umlilo wesibili.

Ngezithuba zabo-2.30 ekuseni ngoMsombuluko kuqale omunye umlilo eMfuleni, lapho kushone khona abantu ababili owesilisa (28) nowesifazane (25).

Zingu-339 izakhiwo ezicekeleke phansi kulo mlilo, okuthinte izakhamuzi ezingu-759.

Esithombeni ngenhla: Imililo equbuke eLanga, e-Dunoon naseMfuleni ngePhasika ishiye abantu ababili beshonile kwathi amakhulu emindeni yaseKapa asala dengwane.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva