Kushone ababili kwasinda abathathu kwesokuhlaselwa

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abangani abahlanu bathunjiwe, bashaywa, baphoswa emadamini ahlukene endaweni yase-Springs Ekurhuleni ngoMgqibelo ebusuku.

Izisulu ezimbili, uNhlakanipho Ngwenya (31) nomngani wakhe uNathi ongaziwa iminyaka nesibongo, baphoswe edamini elingaziwa kanti izidumbu zabo azikatholakali namanje.

Abanye ababili okunguSandile Nkosi (40) noMbongeni Nene (23) basindile ukuze baxoxe lolu daba. Isisulu sesihlanu, uBavumile ongaziwa isibongo neminyaka ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Kusolakala ukuthi la bangani babone kugqekezwa umuzi Kwa-Thema, lapho okwebiwe khona ama-laptop nomakhalekhukhwini.

Umsolwa kuleli cala uzinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu ntambama ngemuva kokuthi ekwazile ukubalekela isixuku.

Isixuku sifune ukuthi abangani baveze ukuthi lezi zimpahla ezebiwe zidayiswe kuphi.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uNene uthe bakhunyulwe izingubo, bashaywa base befafazwa ngamanzi abandayo ukuze bakhulume.

“Basiphoqe ukuthi singene ebhuthini yezimoto ezimbili abebehamba ngazo bayosifaka emadamini.”

“Bashaye uNathi noNhlakanipho baze baquleka, izidumbu zabo bazilahla edamini,” usho kanje.

Abasolwa babe sebethatha isinqumo sokulahla isidumbu sikaNene edamini elise-Nigel.

Uthe bahambe bezulazula ngesikhathi evalelwe ngaphakathi ebhuthini imoto yaze yahlala isikhathi esingaphezu kwehora.

“Bekuthulekile ngaphandle nganquma ukuvula ibhuthi ngokufaka umunwe ngaphuma ngabalekela,” usho kanje.

Khonamanjalo uNkosi, olahlwe edamini e-Endicott usinde kulesi sigameko ngokubambelela emhlangeni.

“Ngimemeze ngicela usizo kwaze kwaba yilapho umshayeli wemoto ezwa ukukhala kwami ​​wakwazi ukungikhipha ngentambo. Ube esengiyisa ekhaya ngemoto.

“Esikufunayo nje ukuthi kutholwe izidumbu zabangani bethu,” usho kanje.

Udadewabo kaNhlakanipho, uMbali Ngwenya ufuna ukwazi ukuthi isidumbu sakhe silahlwe kuphi.

 “Okwamanje sesikwamukele ukuthi useshonile. Esikufunayo ukumenzela umngcwabo ohloniphekile futhi abasolwa baboshwe,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa esifundeni sase-Ekurhuleni, uNelda Sekgobela ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala abantu abadukile; ukuthumba kanye nokuhlasela ngenhloso yokulimaza umzimba kabuhlungu.

Abasesithombeni esingenhla: Abasindile uSandile Nkosi(40) kanye noMbongeni Nene(23) 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva