Kushone ababili kusha imijondolo eZandspruit

Abezimo eziphuthumayo eGoli basebenze ubusuku bonke bezama ukulawula umlilo odlule nemiphefumulo yabantu ababili emijondolo yase-Zandspruit ngeSonto.

Abakwa-City of Joburg Emergency Management Services bathi bathole ucingo ngaphambi nje kwamabili baziswa ngomlilo emijondolo yase-Zandspruit.

“Kulinganiselwa ukuthi ingaphezu kweyishumi imijondolo eshiswe yilo mlilo. Abezicishamlilo bathole izidumbu ezimbili ezishe kabi ngesikhathi bezihlola- kusho okhulumela abakwa-JEMS, uNana Radebe-Kgiba.

“I-Fire Safety yenze uphenyo lokuqala ukuze kutholakale imbangela nokuthi umlilo uqale kuphi.”

Iziphathimandla zilindele ukusha kwemijondolo eminingi kulobu busika ikakhulukazi njengoba kulindeleke ukuthi ukucishwa kukagesi kwenyukele esigabeni sesishiyagalombili.

“Isikhathi sasebusika sesifikile futhi kungalesi sikhathi lapho izakhamizi ezilahlekelwa khona izimpilo ngenxa yomlilo. I-Emergency Management Services inxusa imiphakathi ukuthi ithathe izinyathelo ezifanele uma isebenzisa izinto ezishisayo nokuthi igweme ukushiya amakhandlela enganakiwe,” kusho uRadebe-Kgiba.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Umlilo obulale ababili emijondolo yase-Zandspruit 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva