Buziwe Nocuze
Kushone abantu ababili kwathi ababili balimala kanzima ngesikhathi iqulu lezigebengu lidubula izipaza ezimbili ngesikhathi esisodwa emgwaqeni u-Strand eNomzamo eKapa ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngokusho kozibonele kufike iqulu labesilisa abebehlomile beyizingovolo emgwaqeni obizwa ngoSolomon lapho zombili izitolo zitholakala khona imizuzwana engu-30 ukusuka kwesinye.
Omunye wabanikazi besitolo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi leli qembu lifike esitolo sakhe langasho lutho lavulela ngenhlamvu. Umnikazi wesitolo uvele wacasha ezwa ukuqhuma kwesibhamu, kodwa kwadubuleka abesilisa ababili abaqhamuka ezweni langaphandle.
“Sinomuntu oma emnyango onakekela amakhasimende ethu naye bamdubule washona ngoba ubezitshela ukuthi bangamakhasimende kanti omunye obengaphakathi ulimele kanzima,” kusho umnikazi wesitolo ongathandanga ukudalulwa igama.
Khonamanjalo abesilisa okukholakala ukuthi baphuma eqenjini elilodwa bavulele ngenhlamvu esitolo sesibili. Nakhona kudutshulwe abantu ababili nabo bobabili baqhamuka ezweni langaphandle. Omunye ushone ekulimaleni kanzima.
Umnikazi wesitolo uthe akazi ukuthi kungani kwenzeke lokhu kuhlasela, kodwa izakhamuzi eziningi zendawo zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi zikholelwa ukuthi lokhu kuhlobene nemali ekhokhwayo.
Bathi amabhizinisi kule ndawo aphoqeleka ukuthi akhokhe imali yokuvikela iqembu lezigelekeqe lendawo eliyingozi. Uma amabhizinisi enqaba ukukhokha asongelwa ngodlame.
Esinye isakhamuzi sithe lezi zigameko zokuhlasela umphakathi ziyisixwayiso emphakathini wonkana.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi ezindaweni zokucwala izinwele noma abadayisa izinyawo zenkukhu bayakhokha ngakho ngibona sengathi kuyafana nakulezi zitolo kodwa asilinde amaphoyisa enze umsebenzi wawo,” kusho isakhamuzi.
Abanikazi bezitolo bakholelwa ukuthi ukuhlasela bekuhleliwe futhi banethemba lokuthi amaphoyisa azobathola ababulali ukuze bavalelwe.
Ikhansela lakuwadi- 86 uMnu Xolani Diniso lithe okwamanje isizathu sokubulawa kwabantu asikaziwa. Balinde abomthetho ukuthi babanikeze umbiko wophenyo.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amaphoyisa aseLwandle ahambele indawo yesigameko emgwaqeni uSolomon Drive no-Lonja Street eNomzamo ngezithuba zabo-20:50.
Ngesikhathi befika bathole izidumbu zabesilisa ababili abebeneminyaka engu-38 no-32 abebenamanxeba okudutshulwa. Izisulu kuthiwa zishonele endaweni yesigameko kusho abasebenzi bezempilo.
Abesilisa ababili abaneminyaka engu-33 no-39 nabo bathole amanxeba okudutshulwa baphuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukwelashwa, kanti abasolwa abangaziwa abakade behlomile babalekile endaweni yesigameko.
Kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala ukuze kuphenywe kanti onolwazi uyacelwa ukuba ashayele i-Crime Stop ku-08600 10111.