Kushone ababili esigamekweni somlilo odalwe yintombi enesikhwele

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abesilisa ababili bashone kabuhlungu ngemuva kokuqubuka komlilo emijondolo yakwa-LR eMakhaza, eKhayelitsha, eKapa, ​​okusolakala ukuthi udalwe yintombi ebibhoka ngolaka ngenxa yesikhwele.

Umholi wekomiti lendawo uLydia Natewu uvuswe ukukhala ngaphambi nje kwamabili. 

“Angizange ngiphume ngokushesha ngoba bengisazama ukuthola ukuthi iyiphi indawo eshayo,” kusho yena. 

“Ngiphume ngabona umlilo ngaphuthuma endaweni ebivutha.

Umlilo kuthiwa uqale ngemuva kwengxabano yezithandani. 

“Ngizwe kuthiwa le ntokazi isebenzise ikhandlela isoka elicishile lase lalala. Kuthiwa intombi ithele ngopharafini isoka layo, yazama ukulithungela ngomlilo kodwa laphaphama. Umlilo ubusuhlasele eminye imijondolo,” kusho uNatewu.

Esinye isakhamuzi, esingadalulwanga igama, sizwakalise intukuthelo ngowesifazane owenze lokhu. 

“Abesilisa ababili bashonele emijondolo yabo ngesikhathi bengakwazi ukuphuma. Isoka lona lisindile kodwa sekushone imiphefumulo emibili engenacala ngenxa yobulima,” kusho isakhamuzi. 

“Le ntokazi ibiyazi ukuthi ngesikhathi ishisa umjondolo wabo, kuzothinta nabanye abantu abangahlangene nhlobo nobudlelwano babo.”

Kulo mlilo kucekeleke phansi imijondolo eyisikhombisa nesitolo esincane, abanye abahlali bagebenge impahla eshile kulesi sitolo.

Ngithuke kabi ngibona abahlali bethatha eminye yemikhiqizo eshile esitolo bethi bazoyidla. Ngizamile ukubavimba kodwa bangezwa,” kusho isakhamuzi.

Osindile, kodwa walahlekelwa yizo zonke izimpahla zakhe, uthe ubonga kakhulu ngokuthi abaleke ephila. 

“Bengikhathele ngasheshe ngalala. Ngesikhathi izakhamuzi zimemeza zithi kunomlilo, ngacabanga ukuthi ngiyaphupha kwaze kwafika othile ezokhahlela emnyango wami. Kungaleso sikhathi lapho ngiphume ngibaleka, ngashiya yonke into ngaphakathi, kuhlanganise nezimpahla zezingane zami ezintsha,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uSergeant Wesley Twigg uthe amaphoyisa aseKhayelitsha abhalisele uphenyo futhi aphenya ngembangela yomlilo. “Amaphoyisa ahambele indawo yesigameko okutholwe kuyo izidumbu ezimbili. Imbangela yomlilo ayikaziwa. Izimo ziyaphenywa,” kusho uTwigg.

Onolwazi ngalesi sigameko uyacelwa ukuthi athinte iCrime Stop ku-08600 10111.

Esithombeni esingenhla: Kushone abantu ababili esigamekweni somlilo odalwe yintombi enesikhwele, lesi sigameko senzeke emijondolo yakwa-LR elokishini laseKhayelitsha, eKapa.

Umthombo: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva