Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kushone abantu abasha ababili ngeSonto emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha eGqeberha ngesikhathi abesilisa abebehlomile abahlanu begasela endaweni yokucima ukoma baqala ukudubula.
Abanye abathathu balimele.
Intombazane eneminyaka engu-18 nowesilisa okungaziwa iminyaka yakhe bashonele endaweni yesigameko, kwathi abanye abathathu, owesifazane nabesilisa ababili bathola ukulimala baphuthunyiswa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-11:20 ngeSonto.
“Amaphoyisa aye endaweni yesikhalo esenzeke lapho kucinywa khona ukoma ekuBhabhatane Street eWalmer. Ngokwemininingwane balinganiselwa kwabahlanu abesilisa abangena endaweni yokucima ukoma base bedubula bebhekise kubathengi,” kusho yena.
“Bonke bebegqoke ama-balaclavas (izigqoko ezifihla ubuso).”
Uthe imbangela yokudutshulwa ayikaziwa namanje.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene usenxuse ithimba labaphenyi abakhethekile ukuthi liqinisekise ukuthi abathintekayo bayabanjwa futhi baphendule.
“Sinxusa umphakathi ukuthi ulekelele kulolu phenyo olubucayi futhi sinxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuthi aphumele obala. Ukubambisana kwenu kubalulekile ekusisizeni sixazulule leli cala futhi sinqande olunye udlame emphakathini wethu,” kusho yena.
Uthe uphiko lweSerious and Violent Crimes luphenya amacala amabili okubulala namathathu okuzama ukubulala.
Isithombe esingenhla: i-tape yamaphoyisa esetshenziswa endaweni yesigameko.
Umthombo: X/SAPS