Kushone ababili embhikishweni yokulethwa kwezidingo

Everson Luhanga

Kushone ababili embhikishweni yokulethwa kwezidingo e-Tembisa kwaphinde kwashiswa namahhovisi kamasipala.

Kusolwa ukuthi umuntu wokuqala udutshulwe ngesikhathi kuqubuka  ingxabano phakathi kwamaphoyisa kaMasipala nababhikishi ngoMsombuluko ekuseni. Kuphinde kwadutshulwa umbhikishi wesibili.

Zibalelwa kweziyishumi izimoto kanye namaloli ashisiwe, kwagetshengwa namahhovisi kamasipala impahla yawo okubalwa omabonakude kanye nama-laptop.

Umbhikisho wenzeke ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuthi iMeya yase-Ekurhuleni uTanya Campbell ehluleke ukuza emhlanganweni obuhleliwe namalungu omphakathi.

Kunalokho, uCampbell uye wathumela izikhulu kanti lokhu kuwucasule kakhulu umphakathi omsola ngokuwubukela phansi.

I-Tembisa ibilokhu inemibhikisho kusukela ngeSonto ebusuku.

Abahlali bagcine sebevala ilokishi. Izingane zinqatshelwe ukuya esikoleni futhi akekho obevunyelwe ukuya emsebenzini.

Isakhamuzi sakule ndawo uMartha Sithole ufunge wagomela ukuthi bazoqhubeka nokubhikisha kuze kube iMeya iyeza izokhuluma nabo.

IMeya ithe: “Ngesonto eledlule ngijube amalungu amahlanu eKomiti leMeya ukuthi axoxisane nezakhamizi mayelana nememorandamu eziyithumele kumasipala. Kodwa-ke, ngeshwa lowo mhlangano uye wabhuntsha wahluleka ukufinyelela kunoma yiziphi izinqumo.”

IMeya uCampbell naye uyigxekile imibhikisho enodlame wathi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kahulumeni akuhlangene nezikhalo zokulethwa kwezidingo. Wengeze ngokuthi ukholelwa ukuthi imibhikisho inenhloso yezepolitiki ukuze iphazamise ukusebenza kahle kukamasipala.

“Njengohulumeni wobumbano wamaqembu amaningi, sikhathazekile ngokuthi lezi zithombe esizibonayo e-Tembisa azisasekelwe emphakathini, kodwa seziwumkhankaso ohlelwe kahle wokwenza ukuthi leli lokishi lingalawuleki,” esho.

“Sikholelwa ukuthi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yomphakathi njengamanje kuhlobene nepolitiki futhi kuhloselwe ukubukela phansi inqubekelaphambili yabaphathi abasha.”

Abomthetho bebematasa ngoMsombuluko njengoba ababhikishi bebesuka kwenye ingxenye yelokishi beya kwenye, beshisa amathayi bevale imigwaqo ngamatshe kanye nezihlahla.

Amaphoyisa adubule ababhikishi ngezinhlamvu zenjoloba kodwa bebephinde behlangane ngokushesha bashise amathayi.

Imigwaqo engenela elokishini ibivalekile okwenze kwaba nzima ukuthi kube nomuntu ophumayo noma ongenayo kule ndawo.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni uKelebogile Thepa, uqinisekise kwi-Scrolla.Africa ukuthi kushone abantu ababili, okusolakala ukuthi babulawe ngamaphoyisa kaMasipala.

Amaphoyisa athe abophe ababhikishi abaningi ngokudala udlame emphakathini.

Izihloko zakamuva