Kushone ababili e-South Coast ngenxa yombango wemayini yesihlabathi

Celani Sikhakhane

Umbango oshubile wokumbiwa kwesihlabathi udlule nemiphefumulo, ngesikhathi umkhulu nomzukulu ababeyizihlobo zomholi wendabuko wendawo bedutshulwa babulawa yizinkabi eMzumbe oGwini oluseNingizimu yaKwaZulu-Natali.

Amalungu omndeni abeyizihlobo zomholi wendabuko wendawo uMntwana uVulingqondo Madlala. Ukubulawa kwabo ngesihluku kusolakala ukuthi bekungumphumela wengxabano mayelana nemayini yesihlabathi.

UMntwana uMadlala, obenguthishomkhulu osathatha umhlalaphansi futhi engumnikazi wemayini yesihlabathi, umkhulu wakhe uPrince Qinisela Madlala, unogada kaMntwana uVulungqondo, uHendry Khumalo, kanye nomakhenikha wabo uBab Zindela bebehamba ndawonye ngemoto bevela eMzumbe Mining ngesikhathi behlaselwa abantu abayisithupha, okusolwa ukuthi bayizinkabi.

UKhumalo noZindela basindile kulokhu kuhlaselwa.

Okhulumela umndeni uPrince Zama Madlala uthe le ngxabano yaqala kudala ngesikhathi abantu ababezibiza ngoMzumbe Mining Forum befuna ukumba isihlabathi ngaphandle kwemvume noma amalayisense afanele.

“Bavele bavimba imigwaqo ngamatshe nangezihlahla bephazamisa ukuhamba kwamaloli ethu kwadingeka ukuthi kungenelele amaphoyisa,” kusho uMntwana uZama.

Uthe babecabanga ukuthi lolu daba seluphelile ngemuva kokungenelela kwamaphoyisa.

Uthe bafuna leli cala lisuswe e-Port Shepstone SAPS liye koKlebe ngoba amanye amaphoyisa endawo anentshisekelo ebhizinisini labo lamaloli nezimayini.

Okhulumela i-SAPS uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe amacala okubulala nokuzama ukubulala kanti aphenywa ngabakwa-Southport SAPS.

“Kusolakala ukuthi mhla zi-19 kuNtulikazi kowezi-2021 ngo-11: 30 ekuseni eMzumbe, abesilisa abane bebehamba emgwaqeni owubhuqu oseduze komfula uMzumbe ngesikhathi abasolwa abangaziwa beqhamuka ezihlahleni badubula kaningi emotweni,” kusho uMbhele.

Uthe abesilisa abaneminyaka engama-37 nengama-60 ubudala babulawe kanti omunye wabo uthole inxeba lokudutshulwa emlenzeni, kwathi omunye waphunyuka engenamyocu.

Izihloko zakamuva