Lubhalwe nguZavela Makwabe
Kushone abasebenzi ababili basemakhazeni ngemuva kokuthi imoto ethwala izidumbu igingqike emgwaqeni u-R3912 phakathi kwase-Bugersdorp nase-Steynsburg e-Eastern Cape ngoMgqibelo ntambama.
Iziphathimandla zisola ukuthi utshwala bungase bube imbangela kule ngozi.
Owesilisa wesithathu obehamba nalaba ababili usindile engozini ngokusho kuka-Unathi Binqose, okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape.
Lo wesithathu kukholakala ukuthi bamthathe endleleni.
“Laba bobathathu bebesuka e-Steynsburg ngesikhathi umshayeli ehluleka ukuyilawula imoto ethwala izidumbu okuholele ukuthi igingqike kwashona abesilisa ababili ngesikhathi befika esibhedlela e-Burgersdorp Provincial,” kusho uBinqose owengeze ngokuthi kuvulwe idokodo lokubulala ngokungenhloso emaphoyiseni ase-Burgersdorp kanti uphenyo seluqalile.
Emizamweni yokunqanda izinhlekelele ezifuze lezi, i-Eastern Cape Liquor Board ngoMsombuluko izokwethula ngokusemthethweni umkhankaso wokuqwashisa ngamaholide kaKhisimusi obhekiswe kubashayeli ngokubambisana noMasipala waseNelson Mandela Bay.
“Kulo nyaka, i-Eastern Cape Liquor Board ihlose ukuqinisekisa ukuthi izingozi zomgwaqo zehla kakhulu emigwaqeni yase-Eastern Cape futhi abasebenzisa imigwaqo bayanxuswa ukuthi baqikelele futhi bagweme ukushayela bephuzile ngoba lokho kudala izingozi,” kusho okhulumela ibhodi uMgwebi Msiya.
Esithombeni esingenhla siveza imoto yasemakhazeni egingqikile kwashona abasebenzi ababili
Umthombo wesithombe: Umnyango wezokuThutha e-Eastern Cape