Kushone (4) kubhidlika inkudla

Kamogelo Olaitan

Kushone abantu abane kwalimala abaningi ngemuva kokuwa kwengxenye yenkundla e-El Espinal esifundazweni sase-Tolima e-Colombia.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto ngesikhathi kunomdlalo abawubiza ngokuthi i-corraleja okungumkhosi wokulwa nezinkunzi lapho amalungu omphakathi egxumela eringini ukuze agijime eduze nezinkunzi.

Kwividiyo efakwe ezinkundleni zokuxhumana indawo ebigcwele izibukeli ibonakala idilika ngesikhathi kuqhutshwa lo mdlalo kanti laba abaphansi babonakale bebaleka njengoba lesakhiwo sidilika ngakubo.

IMeya yase-El Espinal uJuan Carlos Tamayo uqinisekise lo mshophi ekhasini le-Facebook ngeSonto.

“Sizisola kakhulu ngokwenzekile enkundleni yethu yokulwa nezinkunzi. 

Njengamanje sinezisulu ezine ezishonile abesifazane ababili, owesilisa kanye nengane enchain. Sivule zonke izibhedlela nezithuthi zeziguli esingasebenza ngazo,” ngokusho kwencwadi ebhalwe ku-Facebook.

Izibhedlela zendawo kubikwa ukuthi zithole iziguli ezingu-322 ebezilimele kulabo uTamayo uthe abangu-30 bebelimele kakhulu.

Asikho isizathu esisemthethweni sokuwa esinikeziwe.

I-AlJazeera ibika ukuthi uMengameli okhethiwe uGustavo Petro unxuse izikhulu zendawo ukuthi zivimbe imicimbi efana nalena ephawula ukuthi bekungekhona okokuqala kwenzeka isigameko esinjengalesi. 

“Ngicela izimeya zingavumeli izehlakalo eziningi ezithinta ukushona kwabantu noma izilwane,” kusho uMengameli.

Umthombo wesithombe: @lahistoriae

Izihloko zakamuva