Kushone 30 kubangwa ukudla nezipho

Kamogelo Olaitan

Bangaphezu kuka-30 abantu abashonile e-Port Harcourt eningizimu ne-Nigeria emcimbini wokupha abantu ukudla abebegcwele isonto. 

Kwabashonile bekukhona izingane kanti abanye balimale kakhulu ngesikhathi inqwaba yabantu ithutheleka esontweni ngehora lesihlanu ekuseni ngoMgqibelo nakuba umcimbi bekumele uqale ngehora lesishiyagalolunye ekuseni.

Amaphoyisa ase-River State atshele i-Associated Press ukuthi inhlangano yesonto ibinikezela ngokudla nezipho kwabampofu e-Port Harcourt Polo Club ngesikhathi abantu benyathelana bezama ukuthatha ukudla nezipho. 

“Isixuku sigcine singalawuleki kanti bangu-31 abantu abalahlekelwe izimpilo zabo kulesi sibhicongo,” kusho isitatimende samaphoyisa.

Amaphoyisa athe abalimele bathola ukwelashwa ezibhedlela zendawo kanti uphenyo lobugebengu lusaqhubeka.

I-Port Harcourt idolobha elikhulu kunawo wonke e-River State iphinde ibe isizinda sikawoyela esikhulu e-Nigeria. Leli izwe elinabantu abaningi e-Afrika futhi lingelinye labakhiqizi abakhulu bakawoyela kuleli izwe.

I-Nigeria isiyehlelwe izinhlekelele eziningi mayelana nokusatshalaliswa kokudla eminyakeni yakamuva okuhlanganisa nohlelo lokudla lwenhlangano yosizo enyakatho yesifundazwe sase-Borno lapho abesifazane abayisikhombisa banyathelwa bashona nyakenye.

Ngonyaka ka-2013 kwashona abantu abangu-24 emhlanganweni wesonto owawuminyene esifundazweni sase-Anambra kanti bangu-16 abashona ngo-2014 ngesikhathi isixuku singalawuleki sifuna imisebenzi kahulumeni e-Abuja.

Abamele ibandla abazange batholakale ukuze baphawule ngalolu daba. 

Izihloko zakamuva