Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Sekuqubuke ingebhe e-Eastern Cape ngemuva kokunyuka kwesibalo sabashonayo kwabangu 12 ezehlakalweni ezahlukene ngesonto lokuqala likaZibandlela.
Kulandela isigameko sokudutshulwa kwezilamani ezimbili eNgqamakwe ezintatha ngoLwesibili, isibalo sabashonile senyuke ngokushaqisayo esifundazweni.
USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu nama-Khoi-San e-Eastern Cape uNkosi Mpumalanga Gwadiso udalule ukuthi ukuphelelwa amanzi emzimbeni nokuhlaselwa kuyimbangela enkulu yokushona kwabantu abaningi.
“Sithole ukuthi abafana abaningi abasuke bezosoka abashonayo basuke bengakaze bawaphuze amanzi amasonto ngaphambi kokuthi beze esikoleni sokusoka, kanti nasesikoleni sokusoka bayawenqaba amanzi.” Kusho uGwadiso.
Unxuse abazali ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekuqinisekiseni uhlelo lokusoka oluphephile ezinganeni.
Amathimba aqapha izifunda aziqinisekisile lezi zigameko abanye bethi imbangela enkulu yokushona kwabantu kungenxa yokuphelelwa amanzi emzimbeni kanti abanye abaningi babale ukuhlaselwa njenge mbangela.
Umasipala waseBuffalo City, indlu yabaholi bendabuko bakuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala ushonele esikoleni sokusoka ngaphandle kwaseMdantsane ngomhlaka-5 kuZibandlela.
“Lokhu kungemuva kokuthi ehlaselwe, kanti kusolwa umfowabo obengumhlengikazi wakhe. Isizathu sokuthu amhlasele ubanjwe ephuza amanzi.” kuqinisekisa Induna uZwelizolile Toyise.
Uthe umfowabo wesisulu uboshiwe futhi ugcinwe esitokisini samaphoyisa.
Esifundeni i-OR Tambo kubikwe ukuthi kushone abantu abathathu, ababili eLusikisiki noyedwa eNgqeleni kanti ukushona kwabo kusolwa ukuhlaselwa.
Izigameko ezimbili zokushona kwabantu esifundeni sase-Alfred Nzo nazo kubikwa ukuhlaselwa.
Isiko uLwaluko libulawa ukuhlaselwa kwabantu nezinsolo zokunukubezwa ngokocansi ngabahlengikazi bendabuko.
UNdunankulu wase-Eastern Cape, u-Oscar Mabuyane uyalele ukuthi kuphenywe ngalezi zinsolo ngemuva kokuvela kuleli sonto ukuthi umhlengikazi wendabuko esifundeni saseCacadu useneminyaka edlwengula owesilisa obezosoka.
“Sinxusa abomthetho ukuthi baqinise isandla ekulweni nokuphulwa komthetho ezikoleni zokusoka.” Kusho uMabuyane.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uMamnkeli Ngam uthe banovalo lokuthi izinto zingase zibe zimbi kakhulu yize sekuthathwe zonke izinyathelo zokuvikela ukugwema lokhu kushona kwabantu.
“Kuyashaqisa lokhu, ukushona kwabesilisa abangu-12 esontweni lokuqala likaZibandlela kusenza sisabe kakhulu,” kusho uNgam.
Abasesithombeni esingenhla: Abesilisa esikoleni sokusoka
Isithombe: Facebook