Kushona abakha izinkundla eQatar

Dylan Bettencourt

INdebe Yomhlaba ezayo ezoba e-Qatar isiphenduke impikiswano selokhu leliyazwe lamenyezelwa njengelizosingatha umqhudelwano wakulo nyaka.

Kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-6 000 abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abalahlekelwe izimpilo zabo ngesikhathi bakha izinkundla zemidlalo eziyisishiyagalombili zalo mqhudelwano.

Okunye okuphoxayo ngonogada abasayina izinkontileka ezibabophela kubaqashi babo ezinemibandela efana nobugqila.

Abasebenzi bachaze ukusebenza e-Qatar njengokwephulwa kwamalungelo abantu okuhlanganisa ukuhlukumeza ngokocansi, ukucwasa, ukweba amaholo, ubungozi bezempilo, ukuphepha kanye nokulahlekelwa umsebenzi kungazelelwe.

UWanthaza Mughogho wase-Malawi ukwazi kahle lokhu okukhulunywa ngakho.

Iphephandaba i-Mail & Guardian libike ukuthi ngesikhathi esula emsebenzini wakhe ehhotela ukuze ajoyine enye inkampani, wacela i-visa yokuyosebenza kwenye indawo kumqashi wakhe omusha.

Kunalokho watshelwa ukuthi i-visa yakhe ivinjelwe nokuthi unezinsuku ezingu-30 zokuthi aphume kuleliyazwe.

Kodwa-ke kwafika i-Covid-19 eyavala izikhumulo zezindiza kwaphoqeleka ukuthi uMughhogho engahambi e-Qatar.

Kodwa ubhubhane aluzange luvimbe umqashi wakhe wangaphambilini ukuthi amvulele icala “lokucinga nokulandelela” inqubo yophiko lwabaphuma emazweni angaphandle.

UMughogho wayengazi ukuthi uvulelwe icala kanti ngesikhathi izikhumulo zezindiza zivulwa wabhukha ithikithi lokuqala lokuya e-Malawi.

Injabulo yakhe yokuphuma e-Qatar yaphenduka iphupho elibi ngesikhathi eboshwa esikhumulweni sezindiza lapho achitha khona ubusuku obubili esitokisini.

Ukuze aphume kulesi sikhungo waphoqeleka ukuthi avume ukuxoshwa kanye nokuvinjelwa iminyaka emihlanu engangeni kuleliyazwe.

UNgqongqoshe wezabaSebenzi e-Malawi uVera Kamtukule uthe uphatheke kabi ngesikhathi efunda ngokwenzeka kuMughhogho.

“Kufanele sibe nesivumelwano samazwe amabili esisayinwa phakathi kwethu namazwe lapho abantu abayosebenza khona,” kusho uNgqongqoshe.

Bobabili i-Fifa ne-Qatar baqhubekile nokuphika izinsolo ngendlela abaphatha ngayo abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle. Bathi “baqhamuke nezinguquko ezibanzi zabasebenzi abasebenza kuzo zonke izinkampani namaphrojekthi ezweni lonke nokuthi zihlomulise bonke abasebenzi base-Qatar”.

Umthombo wesithombe: @Quartz

Izihloko zakamuva