Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sekuqubuke umbango wesikhundla sikathishomkhulu esikoleni samabanga aphansi esidume kakhulu KwaZulu-Natal kanti kushe umuzi nezimoto zikathishomkhulu omusha.
Umbango wezikhundla ushube kangangokuthi nyakenye abanye othisha bafika emsebenzini bephelezelwa onogada. Abanye othisha baze baba nemiyalelo yenkantolo bephikisana bodwa ngenxa yezingxabano ezenzeka kusukela ngo-2018.
Umbango wesikhundla sikathishomkhulu omusha uyinto yakamuva. Kusolwa ukuthi amalungu omphakathi akwaNongoma ebethukuthele eveva ngokuqokwa kukaBarbie Mbatha Mazeka njengothishomkhulu omusha wesikole samabanga aphansi kwaNogcoyi ngemuva kokuthi asuse umbango wokuqashwa komunye uthisha.
Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amalungu omphakathi agasele emzini wakhe ngeSonto ebusuku ashisa isithabathaba somuzi kaMbatha nezimoto zakhe ezimbili.
Kuyisikhali esake sasetshenziswa ngaphambilini. Kubikwa ukuthi ihhovisi lakhe liye lashiswa ngemuva nje kokuthi amenyezelwe njengothishomkhulu omusha wesikole samabanga aphansi sakwaNogcoyi ngomhlaka-18 kuNhlaba njengoba ebezoqala ukusebenza mhla zizinye kuNhlangulana.
“Le nto iqale ngesikhathi uMbatha Mazeka ebuyiselwa emsebenzini ukuthi azoba uthisha ngemuva kokuthi athathe umhlalaphansi,” kusho umthombo.
“Wabe eseqokelwa ukuba i-HOD. Abanye othisha nabazali babehlukene phakathi ngemibono ngendlela yokuthi kwaqubuka isiphithiphithi nokungezwani esikoleni ngisho nangesikhathi sokufunda. Lokhu kube sekuphenduka impi phakathi kwezinyunyana zothisha ezimbili eziyizimbangi i-Sadtu ne-Natu.”
Uthisha uchaze ukuthi “ukuqashwa kukaBarbie Mbatha Mazeka kwenza abanye othisha nabazali bakholelwe ekutheni kunenkohlakalo eyenzeka ekuqashweni kwakhe iziphathimandla zesifunda sase-Vryheid. Empeleni wayeka ukufundisa eminyakeni ethile edlule ukuze athathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi.
“Wakha isithabathaba somuzi esihle ebesiphendula amakhanda endaweni. Ube esebuyela ohlelweni eyosebenza esikoleni samabanga aphansi kwaNogcoyi. Kubuhlungu ukubona umuzi wakhe ucekelwa phansi ngale ndlela.”
Ngesikhathi uMbatha Mazeka ethintwa ucingo lwakhe luphendulwe ngowesifazane othe umatasa akakwazi ukukhuluma.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMbali Fraser usigxekile lesi sigameko wanxusa amaphoyisa ukuthi abophe abathintekayo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe uphenyo luyaqhubeka wathi akekho osaboshiwe okwamanje.
Ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe amacala amaningi okuzama ukubulala nelokushisa esiteshini samaphoyisa kwaNongoma.
Esithombeni esingenhla: Osanda kuqokwa njengothishomkhulu wesikole samabanga aphansi kwaNogcoyi kwaNongoma uBarbie Mbatha Mazeka
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe