Kushiswe indawo yokucima ukoma eNkandla beyisola ngokuthi igqugquzela ukudayisa ngomzimba

Celani Sikhakhane

Iqulu lamadoda endaweni yaseNkandla KwaZulu-Natali ligqekeze lashisa indawo yobumnandi ngoba bethi igqugquzela ukudayisa ngomzimba.

I-Scrolla.Africa itshelwe ukuthi abantu bendawo bacasulwe izingubo ezigqokwa abasebenzi besifazane.

Kuthiwa bebekhala ngokuthi imifaniswano yabesifazane yeziketi ezifushane iveza kakhulu imizimba yabo.

Ukucekelwa phansi kwempahla kuthiwa kwenziwa iqulu labesilisa basendaweni abazibiza ngezinsizwa zaseNtolwane esigodini sakwaNxamalala indawo engumakhelwane kalowo owayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma.

USimphiwe Nduli, ongumnikazi weBizwayo Lifestyle Lounge, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi badicilele ibhizinisi lakhe usesele dengwane.

“Bafika ngomhlaka-26 kuZibandlela bathi angihambe endaweni,” kusho uNduli.

“Abazange besho ukuthi kungani befuna ngihambe. Ngaya kwiNduna uBheki Zuma eyathembisa ukuthi izohlela umhlangano ukuze lawo madoda eze azochaza ukuthi kungani efuna ngihambe endaweni.”

Kodwa ngaphambi komhlangano wathola ucingo olumtshela ukuthi akaqinisekise ukuthi uphephile ngoba abantu bebesabisa ngokuzocekela phansi impahla yakhe nebhizinisi lakhe.

“NgoMgqibelo bafike ngobuningi babo becula izingoma zamabutho ezinenhlamba nokudelela, beholwa ngumholi wezinsizwa uDumakude Shange,” kuchaza uNduli.

“Bafike bazitapela utshwala nenyama ebiza u-R20 000 kodwa abagcinanga lapho baphinde bashaya isisebenzi kabuhlungu bathatha umakhalekhukhwini ngaphambi kokuthi bashise impahla,” kusho uNduli.

IBizwayo Lifestyle indawo edume kakhulu yokucima ukoma esigodini saKwaNxamalala, ehanjelwa kakhulu intsha kanti kwesinye isikhathi namaqembu amakhulu asuka ngaphandle kwedolobha ezovakashela uJacob Zuma ayafika kule ndawo.

IBizwayo Lifestyle inendawo yokucima ukoma, indawo yokuwasha izimoto, ishisanyama kanye nendawo yokugcwalisa uphethiloli. Iphinde isetshenziswe njengendawo lapho abantu beveza khona amakhono abo.

Akatholakalanga ukuba azophawula lowo osolwa ngokuba ungungqondongqondo kulokhu kuhlasela njengoba umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko sokushiswa kwendawo yokucima ukoma iBizwayo.

“Kuvulwe icala lokushisa esiteshini samaphoyisa eNkandla. Kusolakala ukuthi ngomhlaka-1 kuMasingana iqulu labantu lashisa indawo yebhizinisi eNtolwane endaweni yaseNkandla,” kusho uColonel Mbhele.

Izihloko zakamuva